imithombo yezokuvakasha — isiZulu

Izizinda zemvelo kanye nalezo ezakhiwe ngabantu, izindawo, izimangaliso ezikhangayo emehlweni, izikhungo, izinsizakalo, imibukiso, imicimbi noma okunye okuheha abavakashi. Lokhu kungaba yimothombo ehlukahlukene kusukela eziqiwini ezinjenge-Kruger National Park, kuya kwizizinda zemibukiso emangalisayo ezinjenge-Disneyland, amakhonsathi omculo we-pop anjenge-Oppikoppi, amadili omculo anjenge-Woodstock kanye nezizinda zamagugu ezinjenge-Cradle of Humankind world heritage site. Zonke lezi zinto ezishiwo lapha ziyizindawo eziheha abavakashi (bheka i-“destination”), kodwa-ke abavakashi bayazidinga nezinsizakalo ezinjengendawo yokulala, ukudla, izinto zokuthutha, ulwazi, ukuphelezelwa ziboniswe izindawo, kanye nezindawo ezamukela abavakashi, zibahlinzeke ngezidingo zabo, futhi konke lokhu kuhlinzeka nabanye abantu ngamathuba okuzenzela imali kubavakashi abavakashela lezi zindawo ezibalwe ngenhla. Abantu abahlinzeka izidingo zabavakashi nabo bangumthombo wezokuvakasha, nakuba-ke bona beyimithombo engabantu. Njengoba abavakashi abavela emazweni angaphandle bekhangwa kakhulu ngamalokhishi aseNingizimu Afrika anjenge-Soweto kanye ne-Gugulethu futhi bekuthokozela impela ukuwavakashela, lawa malokishi asephenduke izizinda eziheha abavakashi, kanti nabantu abasebenza ngabodwana kanye nezinkampani ezihlinzeka ngezinkambo zokuvakashela emalokishini, nalabo abanezindawo ezithengisa ukudla kanye nezindawo zokulala ezingama-bed-and-breakfast ezisemalokishini nezinsizakalo abazihlinzekayo, konke lokhu nakho kuyimithombo yezokuvakasha. Abavakashi ngokwabo nabo bangathathwa njengemithombo yezokuvakasha. (Bheka i-“destination”, “carrying capacity”, “sustainability”, “sustainable development”, “eco-lodges” kanye ne-“environmental business”.)