i-topocadastral map — isiZulu

I-topocadastral map yibalazwe eliqukethe lonke ulwazi olujwayelekile lwe-topographical map oluchaza into ethile kanye nolwazi lwe-cadastral map olubonisa ubunikazi bomhlaba (ulwazi oluphathelene nokuphatha nokulawula) (njengolwazi olubonisa imingcele yamapulazi, izifunda, izifundazwe kanye namazwe). Lolu hlobo lwebalazwe luvamise ukusetshenziswa kakhulu ngososayenzi abahlukahlukene kanye namalungu omphakathi ajwayelekile nje. Uchungechunge lwamabalazwe aseNingizimu Afrika odumo, okungama-1:50 000 topocadastral map series, mhlawumbe yilona uchungechunge lwamabalazwe asemthethweni olusetshenziswa kakhulu kuleli lizwe. Lawa mabalazwe ahlinzeka ngolwazi olungembayo impela, asebenziseka kalula, anemifanekiso emihle eboniswe kahle, futhi kufanele impela anconywe futhi adunyiswe. (Bheka i-“topographic map” kanye ne-“cadastral map”.)