i-thematic mapping — isiZulu

Umfanekiso ochaza ukusabalala ngokwendawo (bheka i-“spatial distribution” kanye ne-“spatial pattern”) kwento ethile, isimo, isehlakalo, inkinga kanye nanoma iyiphi into eyenzekayo endaweni ethile. Inhloso ye-thematic map wukuchaza nokubonisa into eyodwa ethile etholakala endaweni ethile; ngenxa yalokho-ke, iqukethe ulwazi oluncane impela mayelana nezinye izinto ezingahlobene nento ecwaningwayo. Ubunjalo besimo sento eboniswa ebalazweni yibona obuzosho ukuthi kumele kusetsheziswe amachashazi, imigqa noma amabala. Uma ingqikithi (theme) eboniswa ebalazweni kuwukusabalala emhlabeni jikelele kwezintabamlilo ezivuthayo, kungaba kuhle ukuthi kusetshenziswe amachashazi. Uma ingqikithi eboniswayo kuwukusabalala kwemvula, ebalazweni kumele kusetshenziswe ama-isolines (ikakhulukazi ama-isohyets, okuyimigqa ehlanganisa izindawo ezithola umthamo wemvula ofanayo). Amabala kanye nemigqa kumele kutshenziswe kwi-thematic map ebonisa iziqiwu zikazwelonke nezindawo zokulondolozwa kwemvelo eNingizimu Afrika, futhi lapha amabala abonisa iziqiwu zikazwelonke (okusho, ingqikithi yebalazwe) kanti imigqa yona ibonisa imigwaqo eya kulezo ziqiwu nezindawo zokulondolozwa kwemvelo (“amabala”).