ukuphila ngendlela esimeme — isiZulu

Indlela yokuphila ekwaziyo ukwanelisa izidingo zabantu abakhona njengamanje emhlabeni, ngendlela engachemile, enobulungiswa futhi elingene, ngaphandle kokubeka engcupheni amandla ezizukulwane zangomuso okwenza into efanayo. Into esemqoka lapha wukuthi izidingo zabantu yizona eziseqhulwini, futhi eziwumgogodla walolu hlobo lwempilo, hhayi ubugovu kanye nomgolo. Ukuphila ngendlela esimeme kudinga ukuthi iguqulwe ngokuphelele le ndlela yokubuka izinto ekhona njengamanje emiphakathini eminingi emhlabeni. Eminye imiphakathi ephila impilo entofontofo futhi engomacaphuna kusale kuyodingeka ukuthi ishintshe le mpilo eyiphilayo njengamanje, ngokuthi izame ukuthokozela impilo kakhudlwana kepha inciphise ngasohlangothini lobukhazikhazi obuwumgogodla wezimpilo zawo njengamanje. Ukuphila impilo elula akusho ukuphila impilo engagculisi kahle. Imiphakathi ehlwempu kumele ilekelelwe ukuze nayo ithokozele impilo egculisayo futhi elula kunaleyo abayiphilayo njengamanje, kodwa-ke lokho kumele kwenzeke ngaphandle kokucekelwa phansi kwemvelo. Asikho neze isidingo sokuthi abantu baxhaphaze noma bacekele phansi imvelo ukuze bakwazi ukuziphilisa. Mhlawumbe kungaba wubuhlakani ukukhumbula umgomo wokwaneliseka ka-Mahatma Mohandas Gandhi (Mahatma Mohandas Gandhi’s principle of enoughness) othi: “Umhlaba uhlinzeka ngemithombo yempilo eyanele ezokwazi ukugculisa zonke izidingo zomuntu, hhayi ukwanelisa bonke ubugovu bomuntu. Uma sithatha okungaphezulu kwalokho esikudingayo, lokho kusho ukuthi sithatha nezinto eziqondene nabanye abantu, siboleka izinto zesikhathi esizayo, futhi sicekela phansi imvelo kanye nezinye izinto eziphilayo”.