ukuhlukahluka ngokwendawo — isiZulu

Ukutholakala kwezinto noma izehlakalo kuyahluka ngokwendawo nendawo emhlabeni, futhi nazo izindawo ngokwazo azifani. Uma sikubeka ngendlela elula nje: izinto ezihlukahlukene zitholakala ezindaweni ezihlukahlukene, futhi izinto ezithile ziyatholakala ezindaweni ezithile, kodwa futhi azitholakali kwezinye. Izazi zejografi zicwaninga ukwenzeka kwezahlakalo ezithile noma ukutholakala kwezinto ezithile ngenhloso yokubona nokuhlonza iphethini lokwenzeka kwezehlakalo noma iphethini lokutholakala kwezinto. Ukuze kutholakale noma kuhlonzwe amaphethini okuhlukahluka kwezinto ngokwendawo, kudwetshwa amabalazwe bese kulawo mabalazwe kuboniswa izindawo okwenzeke kuzona izehlakalo ezithile ezicwaningwayo, noma izindawo okutholakala kuzona izinto ezithile. Kule mifanekiso, ahlonzeka kalula amaphethini okuhlukahluka kwezinto ngokwendawo. Kulawo maphethini okuhlukahluka kwezinto ngokwendawo izazi zejografi ziyakwazi ukutomula ulwazi oluzokwenza zikwazi ukubeka imibono ethile, futhi zichaze nobudlelwano besikhashana phakathi kwezinto kanye namaphethini okuxhumana kwezinto ngokwendawo (bheka i-“spatial distribution” kanye ne-“spatial interaction”). (Bheka i-“geodiversity”, “space-in-time perspective”, “spatial data” kanye ne-“spatial pattern”.)