izilinganiso zobungako bendawo — isiZulu

Izindlela kanye nezinga “lokuncishiswa” kobungako bendawo ukuze leyo ndawo ikwazi ukuboniswa kwiheheba lephepha noma esikrinini sekhompyutha, futhi lokhu kumele kwenzeke ngendlela engeke iholele ekulahlekeni kwemininingwane yendawo eboniswayo ebalazweni noma kuholele ekuhlinzekweni kwemininingwane ephaphalazayo. Ngeke neze sikwazi ukwenza ibalazwe lomhlaba elibonisa umhlaba njengoba unjalo, okusho ukuthi ngokwesilinganiso esingu one-to-one (1:1) ngoba phela lokhu kusho ukuthi kumele sithole iphepha elilingana nomhlaba wonke. Ngakho-ke kwadingeka ukuthi siqhamuke nendlela yokwenza izilinganiso ukuze ibanga elifushane elisebalazweni lethu likwazi ukubonisa ibanga elide lesimo soqobo somhlaba. Ebalazweni elinesilinganiso esincane, isentimitha elilodwa lingalinganiswa namakhilomitha ayinkulungwane esimo soqobo somhlaba (okusho, i-Earth’s surface). Ebalazweni elinesilinganiso esikhulu, isentimitha elilodwa lingabonisa ibanga elifushane, njengekhilomitha. Isilinganiso siqokwa ngokubheka izinjongo zebalazwe. Onjiniyela banomkhuba wokusebenzisa amabalazwe anezilinganiso ezinkulu, kodwa-ke amabalazwe omhlaba wonke kufanele ngaso sonke isikhathi asebenzise izilinganiso ezincane. Ngokuqinisekileyo, mincane kakhulu imininingwane engahlinzekwa ebalazweni elinesilinganiso esincane, futhi amabalazwe anezilinganiso ezinkulu ayakwazi ukubonisa ulwazi oluningi mayelana nendawo ethile.