i-spatial referencing — isiZulu

Ukuchaza nokubonisa ukuthi indawo ethile itholakala kuphi emhlabeni. Kunezinhlelo eziningana ezisetshenziselwa ukuchaza nokubonisa indawo, kodwa ngokujwayelekile sisebenzisa lezo zinhlelo okuyizona ezisetshenziswa kakhulu, okusho, uhlelo olubonisa isimo soqobo sendawo noma indawobukhoma (absolute location) noma uhlelo oluhlonza ukuthi ikuphi indawo ethile ngokuyiqhathanisa nenye indawo edumile (relative location) (bheka i-“location”). Njengoba sekukhona zonke lezi zinqubo zesathelayithi zesimanje manje, izinqubo zokwenza amabalazwe ngekhompyutha kanye nezinhlelo zesimanje manje zokubonisa isimo sendawo (geographical positioning systems), i-spatial referencing seyibonisa ukuba yisayensi yoqobo futhi enembayo. Futhi lokhu sekungenile impela nasemkhakheni womphakathi ngenxa yokusetshenziswa kwama-global poisoning systems (GPSs), okuyizinhlelo esezitholakala cishe kuzo zonke izimoto ezisemgwaqeni kulezi zinsuku. Kodwa-ke, kunohlelo olulodwa nje lokubonisa indawo olusalokhu luhamba phambili futhi olwamukelwa kakhulu njengendlela enemba kakhulu yokuchaza nokubonisa isimo sanoma yiliphi iphoyinti noma into, noma umuntu emhlabeni, okuwuhlelo lwe-grid of latitude and longitude. Ubuchwepheshe obusha besimanje manje sebusinikeze izindlela ezintsha (njengama-GPS ezimotweni) zokusebenzisa lolu hlelo olushiwo ngenhla (bheka i-“location”).