imibuzo ephathelene nendawo — isiZulu

Imibuzo efanelekile mayelana nokutholakala kwento ethile endaweni ethile. Ngamafuphi nje, lolu wuhlobo lwemibuzo okumele izazi zizame ukuyitholela izimpendulo. Sidinga idatha yendawo (bheka i-“spatial data”) futhi senze nohlaziyo lwendawo ukuze sikwazi ukuphendula imibuzo, kodwa esikhathini esiningi kuyinto engenakwenzeka ukuqoqa idatha yendawo, ephathelene naleyonto etholakala kuleyo ndawo. Ngakho-ke kumele sisebenzise idatha yendawo yezinye izinto ezihlobene naleyonto ecwaningwayo – okungenzeka kube wubuhlobo obuzenzekelayo noma-ke obunye nje. Uma ngifuna ukwakha isitodlwana sokuthengisa u-ice-cream (ice-cream booth) e-Cradle of Humankind world heritage site, kudingeka ukuba ngifake isicelo sokwakha leso sitodlwana. Isicelo sami kumele sikubeke ngokucacile ukuthi ngifuna ukusakha kuphi nendawo isitodlwana sami. Yiliphi iphoyinti engizoqoka ukwakha kulona kulesi sizinda? Khumbula ukuthi lesi sizinda sinobude nobubanzi obungama-square kilometres amaningi impela. Yiziphi izinto ezibaluleke kakhulu ezingenza ukuthi kuphumelele kokubili, isicelo sami kanye nebhizinisi lami? Okokuqala, kunezindawo ngaphakathi kulesi sizinda lapho kuqhutshwa khona ucwaningo njengamanje futhi abavakashi abavumelekile kulezo zindawo. Ngakho-ke kusobala ukuthi liyadingeka ibalazwe elibonisa lezi zindawo. Okwesibili, kunezindawo eziyihlane lapho abanye abavakashi bezulazula khona, kodwa-ke abahlali isikhathi eside lapho futhi izingane ezincane azikwazi ukuhamba ibanga elide lapho, okusho ukuthi zincane izingane okungenzeka zivakashele lezi zindawo. Manje sezingafakwa-ke lezi zindawo ebalazweni elibonisa izindawo okuqhutshwa kuzona ucwaningo. Okwesithathu, kunemigede ehlukahlukene kulesi sizinda futhi imigede ayithandwa ngendlela efanayo. Eminye imigede ivakashelwa ngabantu abalinganiselwa kwabahlanu ngeviki, kanti eminye ivakashelwa ngabantu abalinganiselwa kwabangama-80 ngosuku. Ngezimpelasonto, kudingeka ngisho nokuthi abantu bame emgqeni balinde ithuba labo lokungena emgedeni, ngakho-ke abantu bangakuthokozela impela ukuzidlela u-ice cream ngenkathi belindile. Mhlawumbe kungakuhle ukuthi kudwetshwe ibalazwe elibonisa amanani abavakashi ezindaweni ezihlukahlukene zalesi zizinda. Futhi kusenjalo, kukhona nesigcinamagugu esivakashelwa cishe yibona bonke abavakashi abavakashela lesi sizinda futhi izingane ziyithokozela kakhulu imidlalo yemibukiso otholakala lapho, kangangokuthi zichitha isikhathi eside impela lapha futhi uma seziphuma zisuke sezilambile. Kepha-ke, ngaphakathi kulesi sigcinamagugu kunezindawo lapho abavakashi bengavumelekile ukungena nokudla noma iziphuzo, futhi ikhona imithetho enjengalena nakweminye imigede ethandwa kakhulu ngabavakashi. Kusobala-ke ukuthi kudingeka elinye ibalazwe. Kodwa abantu asebekhulile ngokweminyaka kanye nabavakashi abasebancane kakhulu ngeke bakwazi ukuhamba ibanga elide beyothenga u-ice cream. Ngakho-ke kudingeka ukuthi kwengezwe elinye ibalazwe. Futhi-ke izinto ezisemqoka eziphathelene nendawo ezixhumene nezigcinamagugu kanye nesimo sesizinda esiyigugu lomhlaba zizoholela ekutheni likhuphuke inani lamabalazwe adwetshwayo. Okokugcina, kumele sikhumbule ukuthi lesi sizinda sonkana sigcwele amabhobe (sinkholes), futhi kukhona lawo ame ndawonye (dormant) kanye nalawo anwebekayo noma akhulayo (active), futhi wonke abonisiwe ebalazweni. Zonke lezi zinqwabanqwaba zedatha yendawo zingafakwa kwi-GIS yesimanjemanje engaxhumanisa wonke lawa mabalazwe bese ingihlinzeka ngebalazwe elibonisa indawo ekahle kakhulu okumele ngakhe kuyona isitodlwana sami sokuthengisa u-ice cream. Ekugcineni, sengiyitholile impendulo yombuzo wami mayelana nendawo okumele ngakhe kuyona (kodwa-ke angazi ukuthi ngizoba nayo yini imali yokwakha isitodlwana sami!).