iphethini lendawo — isiZulu

Indlela yokusabalala kwezinto noma izimo noma izehlakalo esifundeni esithile noma endaweni ethile emhlabeni. Uma izazi zejografi sezizidwebile izindawo noma amaphoyinti okutholakala kuwona izinto ezithile, umuntu onolwazi olufanelekile usheshe alibone iphethini elithile elivelayo lapho. Umfanekiso wephethini lokusabalala kwezinto ezithile ngokwendawo libonisa ulwazi oluningi impela mayelana nento ecwaningwayo. Izinto eziningi kungenzeka ziqoqane engxenyeni eyodwa yendawo ecwaningwayo, noma zigcwale kakhulu ezingxenyeni ezithile zendawo ethile noma zisabalale endaweni yonkana, noma zishaye ujenga noma zihleleke ngokulandelana emgqeni othile ocacile, njengomfula, umgwaqo, ujantshi wesitimela, njalo njalo. Ukuhleleka ngokwendawo kwesahlakalo esithile akuyona neze into eyenzeka ngephutha noma ngokuziqondanela kwezinto nje; kunezizathu zokuthi kungani lokho kuhleleke ngendlela ethile okuhleleke ngayo. Ngokucwaninga iphethini lendawo okwenzeke kuyona isehlakalo, izazi zejografi ziyakwazi ukuqoqa ulwazi oluningi ngendlela emangalisayo mayelana nento ecwaningwayo. Kumuntu oyisazi sejografi, ibalazwe elilodwa nje vo lihlinzeka ngolwazi oluningi mayelana nesehlakalo esithile, futhi olungaphezulu kakhulu kwamakhasi amaningi ombhalo ochaza ngaleso sehlakalo. Ukuze izazi zejografi zikwazi ukuhlukanisa phakathi kwamaphethini endawo, amabalazwe ayithuluzi elisemqoka kakhulu angalisebenzisa. (Bheka i-“spatial distribution”.)