i-spatial interpolation — isiZulu

Ukunikeza umbono wokucabangela noma ukuqagela ngobuhlakani mayelana nedatha etholakale emaphoyintini (izindawo) ambalwa angaphakathi endaweni ethile, ngokuthatha ngokuthi idatha etholakale engxenyeni eyodwa yendawo ethile iyasebenza nakuzo zonke ezinye izingxenye zaleyo ndawo. Ngamagama ajwayelekile nje, lokhu kusho ukuthi sithatha ngokuthi lokho okutholakale emaphoyintini ambalwa angaphakathi endaweni ethile kuyatholakala nakwamanye amaphoyinti ayo yonke leyo ndawo. Ngakho-ke izimo ezitholakale emaphoyintini ambalwa ahloliwe zithathwa njengezimo ezitholakala kuyo yonke indawo. Kujografi idingeka njalo i-spatial interpolation, kodwa izazi zejografi ziyazi ukuthi ukufana kwezimo ncamashi akusho ukuthi lezo zimo zitholakala kuwo wonke amaphoyinti aleyo ndawo okukhulunywa ngayo. Ngokuqinisekileyo, njengoba kungelula ukucwaninga wonke amaphoyinti noma izingxenye zendawo ethile, izazi zejografi zisebenzisa le ndlela yokucabangela noma yokuqagela ngobuhlakani, kepha lokho zikwenza zibe zazi kahle kamhlophe ukuthi lokhu kunobungozi obuningi impela. Abanye ososayensi abangenalo ulwazi olunzulu njengezazi zejografi, bayisebenzisa ngaphandle kokungabaza le ndlela yokucabangela mayelana nokutholakala kwedatha ezindaweni ezithile. Njengenqubo yocwaningo, indlela yokuqagela ngobuhlakani ngeke igxekwe noma ibukelwe phansi, kepha abacwaningi kumele bazi ukuthi lapha bayacabangela. Izazi zejografi ziyisebenzisa ngaso sonke isikhathi i-spatial interpolation, kodwa-ke njengabantu abaqeqeshiwe, bayawazi umgomo wobunjalo obuhlukile bezinto ezihlukahlukene (idiographic principle) (bheka i-“geodiversity”) futhi bayawazi umthelela wokuhlukahluka kwezinto ezitholakala ngaphakathi endaweni eyodwa, kanti abanye ososayensi bona abawazi lo mgomo, futhi esikhathini esiningi basuke bengenalo ulwazi oluphelele mayelana nalokhu.