ukuxhumana ngokwendawo — isiZulu

Ukuhamba kwabantu kanye/noma izimpahla kanye/noma ulwazi, unomphela noma okwesikhashana, besuka endaweni (iphoyinti) ethile emhlabeni beya kwenye. Njengoba ukutholakala kwabantu, izimo noma izehlakalo kuhlukahlukile emhlabeni (bheka i-“spatial distribution”, “spatial variation” kanye ne-“spatial economy”), abantu bebelokhu bexhumana njalo nabanye abantu abangekho eduze kwabo, okusho ukuthi, abakwenye indawo. Umthamo wokuxhumana kwabantu abangekho ndawonye ukhulile impela njengoba ubuchwepheshe sebuthuthukile. Eminyakeni eyikhulu edlule, uhambo lwasolwandle olusuka e-London luya eKapa lwaluthatha amaviki amabili, kodwa namuhla seluthatha amahora ambalwa nje uma umuntu ehamba ngendiza. Njengoba kwenzeka nakubantu, izinto nazo ziyasuka endaweni ethile ziye kwenye. Izimpahla zithunyelwa ezindaweni ezihlukahlukene emhlabeni wonke jikelele ngamanethiwekhi ezokuxhumana, anjengomgwaqo, ujatshi wesitimela, imizila yemikhumbi, ama-courier services, imizila yamabhanoyi, njalo njalo. Ukuthuthukiswa kwe-inthanethi sekukukhuphule kakhulu impela ukuxhumana phakathi kwezindawo ezihlukahlukene emhlabeni. Luyizindimbane ngezindimbane ulwazi oluthunyelwa phakathi kwezindawo ezihlukahlukene ngokusebenzisa i-inthanethi. Nakuba bukhona ubuchwepheshe besimanje manje, ukuxhumana ngokwendawo kusenayo imikhawulo noma izithiyo ezibangelwa yibanga nokugqagqana kwezindawo, futhi uma izinto zigqagqene kakhulu kuyancipha ukuxhumana okwenzekayo phakathi kwazo. Lokhu kubizwa ngokuncipha kwamathuba okuxhumana (distance decay). Futhi nemodeli yamandla omhlaba adonsela phansi izinto (gravity model) – esuselwa kwifiziksi ka-Newton, ethi into enkulu inamandla amakhulu adonsela phansi kunento encane – namanje iseyingxenye yethiyori yejografi njengoba bekulokhu kunjalo nasekuqaleni.