into yendawo — isiZulu

Inqubo, into noma isehlakalo esenzeka endaweni noma ephoyintini elithile elisemhlabeni, elichazekayo futhi elikhombekayo. Lento singayidweba ebalazweni ukuze sichaze noma sibonise ukuthi itholakala kuphi nendawo kanye nesimo sayo (bheka i-“locality”). Into yendawo ingaba yinto etholakala endaweni ethile, futhi lokhu kungaba yisehlakalo esenzeka endaweni ethile noma ezindaweni ezihlukahlukene. Lokhu kungaba futhi yinqubo noma umsebenzi owenzeka endaweni ethile echazekayo (bheka i-“location”) engaklanywa futhi iboniswe ebalazweni (bheka i-“demarcation”). Into esemqoka okumele yaziwe yizazi zejografi wukuthi indawo okutholakala kuyona into ethile ingadwetshwa, iboniswe ebalazweni.