umnotho wendawo — isiZulu

Ngenhloso yokuziphilisa, noma ngenhloso yokwandisa ingcebo abanayo njengamanje, abantu benza imisebenzi ethile ebangenisela imali, futhi leyo misebenzi yenziwa endaweni ethile. Abantu ngokwabo, kuyenzeka bangahambi amabanga amade beyokwenza ibhizinisi, kodwa-ke imisebenzi yezebhizinisi (imisebenzi yezomnotho) ivamise ukubandakanya indawo ethile okwenzelwa kuyona leyo misebenzi – noma ibanga elithile – kanye namanethiwekhi ezokuxhumana athile. Njengoba imisebenzi yezomnotho yenzeka endaweni ethile, ichaza iphethini yendawo (bheka i-“spatial distribution”, “spatial interaction” kanye ne-“spacio-temporal [noma space-in-time] perspective”) futhi lokhu kuyinto ecwaningwa futhi ihlaziywe yizazi zejografi yezomnotho. Kodwa-ke, imisebenzi yezomnotho eyenzeka endaweni eyodwa ethile, iyingxenye yenethiwekhi yezomnotho engabandakanya izindawo eziningi futhi ezihlukahlukene emhlabeni. Ikakhulukazi esikhathini samanje, lapho imisebenzi yezomnotho seyenzeka ngokuxhumana okukhulu emhlabeni wonke futhi izikhondlakhondla zezinkampani ezinamagatsha emazweni amaningi (MNCs) kuyizona eziqhoqhobele yonke imisebenzi yezomnotho emhlabeni, udaba lwendawo okwenzeka kuyona le misebenzi lungenye yezinto ezisemqoka kakhulu kuyo yonke imisebenzi yezomnotho. Ukunikeza isibonelo esilula mhlawumbe kungayichaza kangcono lento esikhundleni sokubhala incazelo ende engagcwala ikhasi lonke. Umlimi otshala amaklabishi esifundazweni saseLimpopo okuyisifundazwe esisemaphandleni, udinga amaphayiphi epulastiki ambalwa ukuze anisele amaklabishi akhe. Usebenzisa umakhalekhukhwini wakhe (odizayinwe e-USA, kodwa owakhiwe kwelase-Korea) ukufona (ngaphansi kwenethiwekhi kamakhelekhukhwini yenkampani ezinze eGoli), efonela isitolo sendawo esisedolobheni eliseduze, uku-oda lawo maphayiphi awadingayo. Umnikazi wesitolo usebenzisa uthelefoni (landline) wakhe ukuxhumana nezikhungo esamukela izingcingo senkampani yamazwe ngamazwe ehlinzeka ngemikhiqizo ethile futhi lapho ukhuluma nomuntu othile ose-Australia ukuthola ulwazi mayelana nokuthi inkampani inawo yini amaphayiphi futhi athole nemininingwane ephathelene nokudilivwa kwamaphayiphi, nakuba empeleni amaphayiphi akhiwa e-Benoni, eNingizimu Afrika. Noma-ke, uma kungenjalo, umnikazi wesitolo usebenzisa i-imeyili ukuthola ulwazi aludingayo. Umlimi usebenzisa imoto yakhe (eyakhiwe kwelase-Japan, kodwa ehlanganiswe efemini yezimoto ezinze eMpumalanga Koloni) ukuya edolobheni ayolanda amaphayiphi akhe. Uma sekufike isikhathi sokuvunwa kwamaklabishi, epulazini lakhe kufika abantu abadabuka kwelaseZimbabwe abahamba ngezinyawo besuka esikhungweni sababaleki bakwamanye amazwe esiseduzane, abafika lapho benze umsebenzi wokuvuna iklabishi. Usonkontileka (osebenzisa iloli elikhulu elakhiwe kwelase-India) uthutha amaklabishi ewahambisa emakethe ePitoli lapho belithenga khona abathengisi (bheka ama-“retail facilities”) ukuze nabo balithengisele amakhasimende ezitolo eziningi futhi ezihlukahlukene ezitholakala edolobheni lasePitoli lonkana. Ake ubheke nje ngamehlo engqondo ukuthi lingaba yinkimbinkimbi (intricate) kangakanani ibalazwe lokusabalala ngokwendawo kanye nokuxhumana okudingekayo okuphathelene nalo msebenzi wezomnotho olula kangaka? Nakuba umnotho wesifundazwe saseLimpopo ungumnotho ogxile kakhulu kwezolimo, uxhumene nenethiwekhi ewundendende (complex) ethubeleza emhlabeni wonke.