intuthuko yomnotho wendawo — isiZulu

Ukukhula nokuthuthuka kwemisebenzi yezomnotho ngaphakathi endaweni ethile noma isifunda, noma phakathi kwezindawo nezifunda ezihlukahlukene (bheka i-“spatial economy”, “economical development” kanye ne-“spatial economy”). Njengoba umnotho womhlaba uthuthuka ngendlela exhumanisa iminotho yamazwe ngamazwe, ukuxhumana kwezikhungo zomnotho sekuyinto enkimbinkimbi (intricate) kakhulu futhi okungelula neze ukuyiqonda. Izazi zejografi yezomnotho zicwaninga lawa maphethini endawo (bheka i-“spatial pattern”) ngenhloso yokuthola ukuthi kungani izindawo kanye nemisebenzi ethile kukhula, kepha ezinye izindawo nemisebenzi kona kuncipha esikhundleni sokukhula. Kodwa-ke, lawa maphetheni awamile ndawonye, isimo sawo siyaguquka ngokuhamba kwesikhathi. Amaphethini endawo aveza ulwazi oluningi mayelana nezimbangela nemithelela yemisebenzi yentuthuko kanye nemisebenzi yokwakha eyenziwayo. Ezindaweni noma ezifundeni ezithile iyadlondlobala imisebenzi yezomnotho, kodwa futhi iyancipha kwezinye izindawo. Lokhu yikona impela-ke okucwaningwa yizazi zejografi yezomnotho. Esikhathini esiningi, ibalazwe elilula nje elibonisa ukuxhumana phakathi kwezindawo ezithile futhi elibonisa nolwazi oluthile lwezomnotho, liyakwazi ukuchaza intuthuko ephelele eyenziwa endaweni ethile noma-ke ukungabi khona kwentuthuko kuleyo ndawo. Ngokuqinisekileyo, zikhona ezinye izimo ezinomthelela omkhulu impela ekuthuthukisweni kokuxhumana ngokwendawo, okuyizimo ezinjengezinxushunxushu zepolitiki kanye nezivumelwano zamazwe ngamazwe, kodwa-ke kungenzeka kube nobudlelwano obujulile bembangela nomphumela (noma imbangela nempendulo), futhi lokhu kuvamise ukubonisa isimo sobunjalo sezepolitiki. Ijografi yezepolitiki neyezomnotho akumele neze kuhlukaniswe futhi kumele kucutshungulwe njengento eyodwa eyinkimbinkimbi (complex).