ukusabalala ngokwendawo — isiZulu

Iphethini ebonisa ukutholakala kwento noma isimo esithile endaweni ethile. Uma sisebenzisa amagama ajwayelekile nje, lokhu kuyimpendulo yombuzo othi “zikuphi lezi linto?”, “zenzeke kuphi lezi zigameko zokubulawa kwabantu?”, “likuphi iposi kuleli dolobha?”, “atholakala kuphi ama-equatorial forests emhlabeni?”, “bahlala kuphi abantu abahlwempu?”, njalo njalo. Igama elisemqoka kakhulu lapha yigama elithi “kuphi”. Umbuzo wokuqala obuzwa yinoma isiphi isazi sejografi soqobo uthi “kuphi”? Ijografi yisayensi yendawo futhi igxile kakhulu kumaphethini achazwa yizindawo okutholakala kuzona izinto noma izimo ezithile. Izazi zejografi zidweba amabalazwe ukubonisa (ukuchaza) izindawo okutholakala kuzona izinto noma izimo ezithile. Ukusebenzisa umdwebo ukuchaza ukusabalala kwento ethile ngokwendawo, okusho, ukudweba ibalazwe elibonisa indawo okutholakala kuyona into ethile, kuyinjongo yokuqala yanoma isiphi isazi sejografi. Umuntu angaqhubekela phambili futhi athi, uma into ingaboniseki ebalazweni, lokho kusho ukuthi akuyona ijografi, kodwa-ke mhlawumbe lokho kuwumbono othanda ukuba nehaba kancane. Kodwa-ke, ibalazwe lento ethile liyingxenye esemqoka kakhulu ekucwaningweni kwaleyonto. Iphethini elichazwa yindawo okutholakala kuyona into ethile libonisa ulwazi oluningi impela mayelana naleyonto (bheka i-“spatial pattern”). Ukuchaza iphethini lokusabalala kwento ethile ngokwendawo kwenza leyonto iqondakale kangcono futhi kuvamise ukuchaza ubudlelwano bembangela nomphumela (cause-effect relationship). Ngokususela embuzweni othi “kuphi?”, kungaqubuka eminye imibuzo eminingi njengombuzo othi “kungani kwenzeka lapho?”, “kungani kungenzeki lapho?”, “kungani kwenzeka lapha kuqala bese ngokuhamba kwesikhathi kwenzeka lapho?” futhi zisemqoka kakhulu izimpendulo zale mibuzo uma kucwaningwa noma iyiphi into emhlabeni. Izazi zejografi zikulungele kahle kakhulu ukuthola izimpendulo zale mibuzo ngoba phela zona ziqeqeshiwe futhi zinolwazi olunzulu lokusebenzisa izindlela zokwenza ucwaningo lwendawo.