i-space-in-time perspective — isiZulu

Indlela izazi zejografi ezihumusha ngayo umhlaba esiphila kuwona. Izinto emhlabeni ziyahlukahluka ngokwezindawo (bheka i-“spatial distribution” kanye ne-“spatial pattern”) futhi ngezikhathi ezithile izinto ziyahluka nakuba zisendaweni eyodwa. Izazi zejografi zicubungula futhi zicwaninge amaphethini okutholakala kwabantu, izinto kanye nezinqubo ezithile endaweni ethile, kodwa-ke konke lokhu kuyashintsha ngokuhamba kwesikhathi. Ngakho-ke uma sichaza amaphethini, sisuke sichaza indawo atholakala kuyona ngesikhathi esisodwa esithile. Ngale ndlela sichaza ukuhlukahluka ngokwendawo, ngesikhathi esithile (isikhathi 1). Kodwa-ke, izazi zejografi zicwaninga futhi nezinguquko eziphathelene nokutholakala kwamaphethini ngokuhamba kwesikhathi. Uma kwenzeka sibuyekeza ucwaningo oluthile emva kweminyaka embalwa, sisuke sesiphinda futhi sicwaninga noma sicubungula amaphethini endawo, kodwa ngaleso sikhathi sisuke siwacwaninga ngaphansi kwesikhathi 2. Mhlawumbe singaba nesifiso sokucwaninga izinga lokuguquka kwamaphethini endawo, futhi lapho-ke sisuke senza ucwaningo olubizwa nge-longitudinal study, okusho ukuthi sicwaninga amaphethini okutholakala kwezinto ezithile endaweni ethile ngokuqhubekayo noma-ke amaphethini anqamukayo ngezikhathi ezithile. Ayaguquka ngokuhamba kwesikhathi wonke amaphethini endawo emhlabeni; futhi izazi zejografi ziqeqeshelwe ukuhlaziya khona lokho-ke impela.