izinsizakalo zomphakathi — isiZulu

Ukuhlinzekwa ngokusemthethweni futhi ngendlela ehlelekile kwezinto eziphathekayo (tangible) kanye nezinto ezingaphatheki (intangible) ukuze kuhlangatshezwane nezidingo zabantu emphakathini. Abantu banezidingo baphinde futhi babe nezimfuno. “Izimfuno” yizinto umuntu angathanda ukuba nazo, kodwa ukuphila kwabantu emhlabeni akuncikile kulezi zinto. Ukuze abantu bakwazi ukuphila kumele kuhlangatshezwane nalezi zidingo zabo. Izidingo zihlukaniswa ngokwezigaba ezihlukahlukene kusukela ezidingweni eziyisisekelo (njengokudla nendawo yokufihla ikhanda) kuyofinyelela ezidingweni ezisezingeni eliphezulu njengemfundo ephakeme. Kunoma yimuphi umphakathi, kunesibopho esifanayo sokuhlinzeka bonke abantu ngezidingo eziyisisekelo, kubandakanya nabantu abangenawo amandla okukhokhela lezo lezo zidingo. Isibopho somphakathi sokuhlinzekwa kwezidingo sibekwa emahlombe kahulumeni noma iziphathimandla ezithile, okuyizona okumele zihlinzeke abantu ngezinsizakalo futhi ziqinisekise ukuthi abantu abantulayo bayazithola izinsizakalo ezidingekayo, njengosizo lwezempilo nokwelashwa, imfundo eyisisekelo, izindawo zokuhlala eziphephile, ukudla okwanele, amanzi ahlanzekile, kanye nazo zonke izidingo eziyisisekelo umuntu azidingayo ukuze akwazi ukuphila impilo ekahle negculisayo. Labo abanawo amandla kumele bakhokhe intela kuhulumeni ukuze kuhlinzekelwe izidingo zalabo abangenawo amandla okukhokhela lezi zinsizakalo. Uma zinganeliswa izidingo zabantu abahlwempu emphakathini, kungenzeka kuqubuke izinxushunxushu nemibhikisho emphakathini. Esikhathini esedlule ngaphambi kokuba abantu baqale ukuhlala ndawonye ezindaweni ezisemakhaya noma ezisemadolobheni, amaqoqwana emindeni ehlukahlukene kwakudingeka ukuthi azihlinzekele ngokwawo izidingo zawo. Ngenkathi amaqoqo emindeni eseqala ukweluleka nokusabalala, kwasunguleka izizwe kanye nemiphakathi, futhi kwaqala lapho-ke ukuthi abantu abantu abahlala endaweni ethile bazibone njengomphakathi owodwa obumbene. Abantu baqala ukulekelelana, futhi waqala kanjalo-ke umuzwa “wokuzibona kwabantu njengengxenye yomphakathi othile”. Kulezi zinsuku, njengoba abantu abangaphezu kwama-50% emhlabeni sebehlala emadolobheni, ukuhlinzekwa kwezinsizakalo ngenye yezinto eziseqhulwini ezibhekisiswayo ngenkathi kwenziwa izinhlelo nemiklamo yokuhlaliswa kwabantu emadolobheni kanye nentuthuko. Kwenziwa umsebenzi wokuhlaziya indawo ukuze kutholakale indawo efanele, futhi ekulungele ukwakhiwa kwezikole, izibhedlela, izimakethe, njalo njalo.