izinsizakalo — isiZulu

Ukusebenzisana okunenzuzo phakathi kwababambiqhaza abasebenzisana ngokuzithandela kwabo, futhi kulokhu akudingekile ukuthi kube nempahla ephathekayo okushintshiswana ngayo. Omunye walaba kungenzeka kube ngumuntu onolwazi lobungoti olukhethekile, oludingwa yilona omunye umuntu owamukela usizo. Esikhathini esiningi, into eyodwa okushitshwana ngayo lapha yimali ekhokhwa ngumuntu othola usizo, ayikhokhela ulwazi lobungoti olukhethekile noma usizo aluthole kumhlinzeki wezinsizakalo. Umkhakha womnotho ohlinzeka ngezinsizakalo ubandakanya izinsizakalo eziningi impela futhi ezihlukahlukene. Wonke umuntu ophila esikhathini samanje uyazidinga izinsizakalo ezinjengemfundo, usizo lokwelashwa, usizo lwezomthetho, ezamasiko, ezobuciko, usizo oluphathelene nokusebenza kwengqondo, ezokungcebeleka, ezokuvakasha nokushaywa wumoya, ezokuthutha, ezokuvikeleka, kanye nezinye izinsizakalo eziningi. Abahlinzeki bezinsizakalo kuvamise ukuthi kube ngongoti abarejistiwe futhi abaneziqu zemfundo ethile ephathelene nemsebenzi wabo. Ngokuvamile, izinsizakalo ezingekho emthethweni azifakwa lapha, kodwa-ke kwamanye amazwe izinsizakalo eziphathelene nocansi ziyingxenye yezinsizakalo ezihlukahlukene ezitholakala kulawo mazwe. Izinsizakalo ziyingxenye enkulukazi yomnotho emazweni asethuthukile (bheka i-“development” kanye ne-“dual economy”). Emazweni asathuthuka kanye namazwe aguqukayo (countries in transition), izinsizakalo zingxenye encane impela yomnotho nomkhiqizo, kanti kusenjalo umkhakha wezokukhiqiza ubaluleke ngaphezu komkhakha wezinsizakalo. Izinsizakalo ziyingxenye ye-tertiary sector yomnotho (bheka ama-“countries in transition”, “development”, “dual economy” kanye nama-“quaternary economic activities”).