ihayiphothesisi, umbonosiqagelo — isiZulu
Isiphakamiso sezesayensi esingakaqinisekiswa ukuthi ngempela siyiqiniso noma siyaphaphalaza. Ngakho-ke ihayiphothesisi iyisitatimende sezesayensi “esingahloleka” futhi kuqinisekiswe ubuqiniso baso noma sichithwe njengombono ophaphalazayo. Uma sekuveziwe futhi kwaqinisekiswa ukuthi ihayiphothesisi iyiqiniso, yamukelwa njengesitatimende esiyiqiniso, kanti-ke futhi uma sekuveziwe ukuthi iyaphaphalaza iyachithwa. Kusemqoka kakhulu ukuthi ihayiphothesisi ibe yisiphakamiso esibambekayo noma esiphathekayo (empirical) ngokuthi ibe yinto engahlolwa (iqinisekiswe) ngokuyenza. Uma sekuqinisekisiwe ukuthi iyisitatimende esiyiqiniso, kungenzeka ibe ngumthetho wezesayensi – ongathi uma uhlanganiswa neminye imithetho enjalo – ube wumgomo oyisisekelo wethiyori ethile. Ihayiphothesisi kumele kube yinto ehlolekayo; futhi uma ingahloleki, lokho kusho ukuthi akuyona ihayiphothesisi kepha yiphostuleti (postulate). Amasayensi abizwa “ngamasayensi aqinile” (“hard sciences”), anjengekhemistri (chemistry) nefiziksi (physics), kanye “namasayensi athambile” (“soft sciences”) anjengesayikholoji (psychology) kanye nesosiyoloji (sociology) anemibono ehluke kakhulu mayelana nokuthi yini ihayiphothesisi, imithetho kanye namathiyori. Nakuba ijografi igxamalazile phakathi kamasayensi aqinile kanye namasayensi athambile, ivamise ukulandela umbono wososayensi bezefiziksi mayelana nokuthi yini ihayiphothesisi (lokhu kususelwa kwi-quantification period yeminyaka yawo-1970 nawo-1980), kodwa-ke akuzange kube yinto eyamukelwa ngumuntu wonke, futhi namanje akukamukelwa ngumuntu wonke.