i-azimuth) — isiZulu

Inkomba ye-direction yento ethile noma indawo, kusuka ephoyintini elithile noma endaweni ethile njengoba ikalwe ebalazweni kusetshenziswa i-protractor. Umugqa woqobo obonisa inyakatho neningizimu (true north-south line) (i-meridian) uthathwa njengomugqa oyinkomba (bheka i-“geographical coordinate system”) futhi njalo i-azimuti ikalwa kusuka kwesobunxele kuya kwesokudla (clockwise) kusuka kulowo mugqa. Iboniswa njengebanga elinesimo se-engela (angular distance) kusuka kwinyakatho yoqobo. Ngakho-ke indawo ethile kungenzeka ibe ku-N 42° E, noma ku-N 127° E, noma ku-N 193° W, noma ku-N 294° W noma endaweni ethile esempumalanga noma entshonalanga yomugqa osuka enyakatho uye eningizimu. (Bheka i-“bearing” kanye ne-“location”.)