amandla avuselelekayo — isiZulu

Amandla atholakala emthonjeni oyohlala ukhona ungunaphakade noma ovuseleleka ngesikhashana esincane nje, njengamahora noma izinsuku. Ngenxa yalokho-ke, amandla avuselelekayo – ngokwethiyori – ngeke neze asetshenziswe aze aphele nya. Amandla elanga (solar energy) atholakala nsuku zonke ngenkathi liphumile ilanga futhi angasetshenziselwa ukubilisa amanzi, ukushaja amabhethri, ukukhanyisa amagilobhu okukhanyisa ajwayelekile, ukupheka ukudla esitofini esikhethekile esisebenza ngamandla elanga (okungaba yisitofu esishibhile esakhiwe ekhaya). Kulezi zinsuku amandla elanga asetshenziswa kakhulu emhlabeni wonke jikelele, emishinini enhlobonhlobo; lokhu kusukela emishinini enjengama-pocket calculators, kuya emibhishongweni yamaselula, ama-geyser amanzi ashisayo, izitofu zokupheka, izibane zokukhayisa endlini, ugesi wesakhiwo sonkana, kanye nokunye okuningi. Izinto ezimbalwa ezingaba yisithiyo ekusetshenzisweni kukagesi welanga yizinto ezinjengezindawo ezithile (okuyizifunda ezithile, njengezifunda ezisezingxenyeni ezisekupheleni komhlaba lapho kudlula isikhathi esilinganiselwa ezinyangeni ezimbadlwana ngonyaka kungekho ukukhanya kwelanga), izifunda ezinamafu kakhulu noma izimvula, izindleko eziphakeme kakhulu zokuthenga nokuxhuma imishini kagesi welanga (into ephakamisa lezi zindleko wukuthi imishimi kanye nama-solar panels kumba eqolo), nokunye okuningi. Kodwa-ke, ngisho nasemazweni ase-Europe athola amandla elanga aphansi kakhulu kunalokho okutholwa yiNingizimu Afrika, usetshenziswa kakhulu impela ugesi wamandla elanga, futhi kuwo wonke amakhaya nezakhiwo zakulawo mazwe kumele kuxhunywe ama-solar panels. Eqinisweni, izwekazi lonke lase-Afrika lithola amandla elanga amaningi kangangokuthi ugesi welanga ungafinyelela kubo bonke abantu e-Afrika, kodwa-ke izindleko zokuthenga ama-solar panel, nokuwaxhuma kanye nezindleko zamabhethri, zingaphezulu kakhulu kwamandla amazwe amaningi ase-Afrika, ngoba phela awanazo izimali ezanele. Ezinye izinhlobo zamandla avuselelekayo ngamanzi ehla ngomfutho akhiqiza ugesi wamanzi, ugesi wamandla amagagasi olwandle kanye nogesi wamandla omoya. Ugesi wamanzi ukhiqizwa ezindaweni eziningi kwelase-Afrika, njenge-Cahora Bassa Dam e-Mozambique, i-Gariep Dam eNingizimu Afrika, i-Katse Dam e-Lesotho, i-Kariba Dam e-Zimbabwe, i-Ruacana waterfall emngceleni ophakathi kwe-Namibia ne-Angola, i-Owen Falls e-Uganda, i-Aswan High Dam e-Egypt, kanye nezinye izindawo eziningi. Kwezinye izindawo zomhlaba – njengase-Canada, nase-Scandinavia, ezingxenyeni ezithile ze-USA, ezingxenyeni ezithile ze-South America, kanye ne-New Zealand – okuyizindawo lapho amanzi exhaphakile futhi etholakala ngobuningi uma kuqhathaniswa nezwekazi lase-Afrika, ugesi wamanzi uwumthombo omkhulu wamandla kagesi osetshenziswayo. Amandla omoya yilokho okusetshenziswa yi-windpump ejwayelekile, futhi e-Afrika kunezinkulungwane ngezinkulungwane zalokhu. Imishini engama-wind turbines yimishini yokuphehla ugesi wamanzi esebenza kahle kakhulu, futhi itholakala ngosayizi abahlukahlukene kusukela kuma-turbine amancane asetshenziswa emakhaya, anobukhulu obungaphansi kwendishi yesathelayithi kanye nebhethri yemoto, kuye “emapulazini omoya” amakhulu aphehla ugesi omningi impela, othunyelwa kwinethiwekhi kagesi wezwe noma wesifunda. ENingizimu Afrika, sinalo ipulazi lomoya elinjalo, elisendaweni yase-Darling esifundazweni saseNtshonalanga Koloni futhi kunelinye elakhiwayo njengamanje endaweni yase-Mossel Bay. Izikhinyabezi (drawbacks) ezinkulu eziphazamisa ukusetshenziswa kahle kwama-wind turbines wumthamo omncane wamabhethri okugcina ugesi, kanye nomsindo omkhulu ophuma kuma-turbines. I-wind turbine ngeke ibe wusizo kakhulu ePitoli ngoba lapho liphansi kakhulu izinga lokutholakala komoya, kodwa ezifundeni ezinjengeNingizimu neMpumalanga Koloni kanye ne-Free State, ama-wind turbine angaba yimpumelelo enkulu. Amandla enuzi (nuclear energy) avamise ukufakwa ngaphansi kwemithombo yamandla avuselelekayo (bheka i-“nuclear energy”). Uma sikhuluma iqiniso, lokho kuyiphutha njengoba i-plutonium kanye/noma i-uranium esetshenziswa emandleni enuzi kuyizinto ezingavuseleleki, kodwa-ke kusetshenziswa umthamo omncane kakhulu walokhu ukwenza ugesi omningi kakhulu impela, kangangokuthi lokho ngeke neze kuyiqede i-plutonium ne-uranium ekhona emhlabeni. Ngaphezu kwalokho, “imfucuza ekhiqizwa wugesi wenuzi” ihlala inemisebe enobungozi iminyaka eyizinkulungwane ngezinkulungwane kangangokuthi mhlawumbe siyogcina sesikwazile ukuthola ukuthi singayisebenzisa kanjani, futhi ngalokho selule isikhathi sokusetshenziswa kwalo mthombo. Ngokubheka lokhu osekushiwo ngendla, amandla enuzi angathathwa njengomthombo wamandla oyohlala ukhona njalo, unomphela. Kepha-ke, zikhona izikhinyabezi eziphathelene nokusetshenziswa kwamandla enuzi: esokuqala yizindleko eziphezulu zalokhu, futhi esesibili “wubungozi” noma izinhlekelele ezingabangela “ukuputshuka” kwemisebe enobungozi ingene kwimvelo, njengoba kwenzeka e-Three Mile Island kwelase-USA, kanye nase-Chernobyl e-Russia, kanye nasesikhungweni senuzi sase-Fukushima kwelase-Japan (bheka i-“hazardous waste” kanye ne-“nuclear energy”). Ngenxa yobungozi obuphathelene nezikhungo zamandla enuzi kanye nemfucuza enemisebe eyingozi, amandla enuzi ayohlala edala impikiswano enkulu kubantu. (Qaphela ukuthi kunezinhlobo eziningana zamandla eziphehlamandla ezingayilimazi imvelo, noma-ke ezidala umonakalo omncane kakhulu, ikakhulukazi iziphehlamandla ezenziwe ngezinto zemvelo, ama-biofuels – [bheka ama-“fossil fuels”], kodwa-ke lokhu kunemikhawulo ethile futhi ukuphakama kwezindleko zalokhu kuholela ekutheni abantu baqoke ukusebenzisa iziphehlamandla ezimbiwa phansi ezingcolile, kodwa-ke ezingabizi kakhulu. Ama-biofuel awacatshangwa nokucatshangwa ezindaweni ezithola imvula encane, ezinjengeNingizimu Afrika, ngenxa yokuthi azinaso kahle isimo sezulu esikulungele lokhu.)