i-relative relief — isiZulu

Umehluko wokuphakama kwendawo ethile kusuka olwandle (altitude), phakathi kwephoyinti elibonisa ingxenye yezwe noma yomhlaba ephakeme kakhulu kanye nephoyinti elibonisa ingxenye ephansi kakhulu, endaweni encanyana impela ngobukhulu. Akusho lutho ukuthi indawo iphakeme kangakanani kusuka olwandle, noma inezintaba eziningi kangakanani noma iyisicaba kangakanani. Into okumele yenziwe nje kuphela wukususa (subtracts) ubude bephoyinti lendawo eliphansi kakhulu kubude bephoyinti lendawo ephakeme kakhulu.