imithethonqubo elawulayo — isiZulu

Kulezi zinsuku wonke amazwe asethuthukile kanye namazwe amaningi asathuthuka anezinhlelo ezisemthethweni zokuphathwa kwemvelo, ezenzelwe ukuvikela imvelo, ngokulandela imithetho eshayiwe. Ngenxa yokuthi imithetho yezemvelo kumele ibhekelele zonke izigameko ezingenzeka, futhi kuzo zonke izindawo, ivamise ukuba banzi ngokweqile futhi ayicacile kahle imininingwane ehlinzekwe kule mithetho. Kodwa-ke injalo yonke imithetho. Kepha-ke, nakuba kunjalo yonke le mithetho ihlinzekela izimo ezithile eziqondene nezigameko ezithile kanye/noma izimo ezikhethekile. Lezi zimiselo ezingaphansi kwale mithetho ziyimithethonqubo eyisibopho esisemthethweni, ngokufanayo “nemithetho emikhulu elawula ezemvelo” (“umbrella legislation”), okusho, iMithetho Yezemvelo, futhi eNingizimu Afrika lapha kushiwo uMthetho Kazwelonke Wezokuphathwa Kwemvelo, ongunombolo 107 we-1998, odume ngele-NEMA (bheka i-“environmental management”). Imithetho yezemvelo eqinile, njengaleyo esinayo lapha eNingizimu Afrika, iyalela ukuthi kube nohlelo lokuphathwa kwemvelo (EMP) maqondana nomklamo ngamunye ohlongozwayo noma umsebenzi othile owenziwa ngabantu ongaba nomthelela omkhulu kwimvelo. I-EMP ibeka ngokucacile imininingwane nezinyathelo okumele zithathwe ukunciphisa nokwenza ngconywana umthelela womklamo ukuze ungazweli kakhulu kwimvelo.