umbaleki — isiZulu

Umuntu, kungakhathalekile ukuthi uneminyaka yobudala emingaki, obaleka endaweni ethile ayohlala kwenye ngenxa yokusabela impilo yakhe. Selokhu kwathi nhlo emlandweni wesintu bahlala bekhona ababaleki kuwo wonke amagumbi amane omhlaba. Ngenxa yezizathu ezibangela ukubaleka kwabantu, izifunda ezithile emhlabeni zivamise ukweyamaniswa nababaleki kunezinye, kodwa-ke zincane kakhulu izifunda ezingakaze zihlangabezane nale nkinga. Abantu babaleka ikakhulukazi ngenxa yokungabi khona kozinzo lwezepolitiki, ukungabekezelelani kwezenkolo, indlala nokuntuleka kokudla, futhi nezinhlekelele zemvelo nazo zivamisile ukubangela ukubaleka kwabantu, okuyizinhlekelele ezinjengokuqubuka kwezintabamlilo, ukuzamazama komhlaba kanye nezikhukhula. Ababaleki boqobo ngabantu ababaleka bengaphethe lutho olunye ngaphandle kwezingubo abazigqokile ngaleso sikhathi. Esikhathini esiningi, bamane badumele izingane zabo babaleke. Abanawo amaphepha angomazisi, imali, izimpahla, izinto eziyingcebo, ukudla kanye nezingubo zokulala. Bathembele ngokuphelele kulowo mphakathi ababalekele kuwona (bheka i-“host community”). Uma abantu bebaleka ngenxa yezizathu zepolitiki noma zenkolo, bavamise ukweqa imingcele yamazwe ahlukene futhi basuke bebaleka unomphela. Uma bebalekela indlala noma izinhlekelele zemvelo babalekela kwenye ingxenye yezwe labo futhi bavamise ukubuyela emakhaya abo uma sesidambile isimo esibucayi endaweni abadabuka kuyona. Kuyenzeka ukuthi imiphakathi esingatha ababaleki ithole usizo kwi-United Nations High Commission for Refugees (UNHCR), kodwa-ke ukuthutheleka kwababaleki abaningi endaweni ethile kuyayihlukemeza impela ngokwengqondo nangokomphefumulo imiphakathi ababalekela kuyona futhi kuhlukemeze nalelo zwe ababalekele kulona. Kuvamise ukuthi kwakhiwe izizinda zokwamukela ababaleki ukuze kubhekwane nenkinga yokuthutheleka kwababaleki ngobuningi. Ababaleki bezepolitiki bathola imvume yokukhoseliswa ezweni elithile elamukela labo babaleki, kodwa-ke lokhu kuyinto yesikhashana, ebavumela kuphela ukuba bahlale isikhathi esinqunyiwe kulelo lizwe ababalekele kulona. Emva kwalokho, kumele badlulele phambili noma-ke babuyele ezweni labo. I-UNHCR ngeke neze ibabuyisele ezweni labo ababaleki uma lokho kusho ukuthi noma kanjani bazobulawa, kodwa-ke kuyinto engelula neze ukuthola isixazululo esizohlala unomphela mayelana nenkinga yababaleki. Njengamanje kunezigidi ngezigidi zababaleki abavela kumagumbi womane omhlaba, futhi lokhu akuhlukile esimweni sesikhathi esidlule, kodwa-ke inani lababaleki selithanda ukudlondlobala ngenxa yokukhula kakhulu kwesibalo sabantu emhlabeni uma kuqhathaniswa nesikhathi esidlule. Ababaleki akumele baphanjaniswe nabafuduki. Njengamanje, iNingizimu Afrika ibhekene nokutheleka kwezindimbane zabafuduki bezomnotho abangena kuleli bevela emazweni amaningi ase-Afrika. Bancane kakhulu kulaba ababaleki boqobo. Ngaphandle nje kwabantu abambalwa base-Zimbabwe nase-Somalia, iningi lalaba bantu akubona abantu ababalekele izimo zepolitiki ezibeka izimpilo zabo engozini noma izimpi; kodwa bafudukele eNingizimu Afrika ngenhloso yokuzozitholela amatoho akhokhelwayo. Babalekela izimo eziwumphumela wokufadalala komnotho emazweni abo, kodwa esikhathini esiningi bagcina sebenikezwa izimvume zokukhosela ngenxa yokuthi inani labo liphezulu kakhulu lapha ezweni, futhi ayikho indlela yokuqinisekisa isimo soqobo esibangele ukuthi beze kuleli lizwe. Akukho nokuncane ukungabaza ukuthi laba bantu bawumthwalo omkhulu kuhulumeni futhi baphazamisa inqubekelaphambili yezomnotho eNingizimu Afrika.