ukuvuselela nokusebenzisa kabusha — isiZulu

Ukusetshenziswa kabusha kwezinto, kodwa-ke lokhu akusho ukuthi njalo lezo zinto zisuke zisesimweni sazo soqobo, ngoba kuyenzeka ukuthi ziguqulwe zibe kwesinye isimo ngaphambi kokuba zisetshenziswe kabusha. Ngeke neze sikwazi ukuphunyula emithethweni yemvelo yokulondolozwa kwezingqumbi namadla, okuyimithetho esibonisayo ukuthi noma singenzani “ngeke neze sikwazi ukuhlukana ngokuphelele nezinto ezithile” (bheka i-“incineration”), ngakho-ke noma ngabe yini esiyakhayo iyohlala nathi kulo mhlaba nakuba sesiqedile ukuyisebenzisa futhi singasayidingi. (Bheka i-“development”, “dual economy”, “developing countries” kanye nama-“countries in transition”, “secondary economic activities” kanye nama-“tertiary activities”.) Ngaphezu kwalokho, uma sakha izinto, sisebenzisa nezinto ezithile ezingavuseleleki, futhi ngalokho, ekugcineni imithombo yethu yemvelo eyingcosana, engavuseleleki izithola “ivaleleke” ezintweni esingazidingi, futhi lokho kwenzeka ngenkathi imithombo yethu yemvelo iphela noma ishabalala. Ngokusobala, lesi yisimo esinemiphumela emibi, lapho wonke umuntu othintekayo elahlekelwa (lose-lose). Isixazululo esikahle futhi esinobuhlakani wukunciphisa, ukusebenzisa kabusha, kanye nokuvuselela. Ukuvuselela kubandakanya kokubili ukunciphisa (njengoba lokhu kuholela ekutheni kukhiqizwe izinto ezincane), kanye nokuvuselela (ngoba izinto zisetshenziswa kabusha noma-ke okungenani kusetshenziswe izingxenye zalezo zinto ukwakha izinto ezintsha). Isikompilo elikhuthaza kuthengwa kwempahla ewubukhazikhazi licekela phansi imithombo yemvelo engavuseleleki futhi ligcwalisa umhlaba wethu ngezinto esingazidingi. Ukuguqukela kwisikompilo elihlukile kuyinto engeke neze yenzeke ngesizukulwane esisodwa, kodwa uma sonke sisebenza ngokubambisana singakufezekisa lokhu ngaphambi kokuba isimo sibe sibi kakhulu. Kunezindlela zesimanjemanje ezimangalisayo ezisetshenziswayo ezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba, futhi kusemqoka ukuba kuphawuleke ukuthi ukukhiqizwa nokuthengwa ngokweqile kwezinto ezingadingeki kwenzeka kakhulu emazweni asethuthukile kunasemazweni asathuthuka. Isibonelo esihle semizamo encomekayo yokuvuselela nokusebensiza izinto kabusha wumklamo onjenge-Collect-a-Can, kanye nemiklamo yokuvuselelwa nokusetshenziswa kabusha kwephepha, okuyimiklamo eqhutshwa ngabakwa-Mondi nabakwa-Nampak eNingizimu Afrika. Kunabantu abaziphilisa ngokuqoqa amathini asesetshenzisiwe, futhi abakhokhelwa ngokwesisindo samathini abawaqoqile, futhi lawo mathini asetshenziselwa ukwakha amathini amasha. Inkampani yakwa-Nampak iqoqa amaphepha asesetshenzisiwe ezikhungweni ezisebenzisa kakhulu iphepha njenge-Unisa, futhi i-Unisa iyakhokhelwa ngisho nokukhokhelwa ngalawo maphepha ayo asesetshenzisiwe. Inkampani yakwa-Mondi ihlinzeka abantu ngezinqodlana ezingama-push-carts abazisebenzisela ukuqoqa amakhadibhodi kanye namaphepha asesetshenzisiwe futhi abaqoqi bephepha bayakhokhelwa ngamaphepha abawaqoqile, abawathumela kule nkampani. Ukuvuselelwa nokusetshenziswa kabusha kwengilazi kuyinto eyenziwa ngempumelelo enkulu e-Europe nase-Canada, kodwa-ke eNingizimu Afrika lokhu akukafinyeleli neze empumelelweni ephawulekayo. Ngenxa yenani elikhulu labantu abahlwempu eNingizimu Afrika, abantu abaningi baqoqa impahla esisebenzile elahlwe emigodini okulahlwa kuyona udoti, futhi okunye kwalokhu kugcina sekusetshenziswa njengempahla yokwakha imijondolo (imikhukhu). Ngale ndlela kugcina sekwenzeka ukuvuselelwa nokusetshenziswa kabusha kwezinto, nakuba lokhu bekuyinto engahlosiwe.