ama-quaternary economic activities — isiZulu
Ukubandakanyeka okunenzuzo kwezobuchwepheshe obusezingeni eliphezulu, izinsizakalo zolwazi ezisezingeni eliphezulu, kanye nobungoti bomsebenzi. Imboni ibandakanya imisebenzi esukela emisebenzini eyisisekelo, okungama-primary activities (ukulima, ukudoba, amahlathi kanye nezimayini), kuya emisebenzini esekelayo ephathelene nezokukhiqiza, okungama-secondary activities (ezokukhiqizwa kwempahla kanye nezokwakha), kuya emisebenzini yokuhlinzekwa kwezinsizakalo, ama-tertiary activities (izinsizakalo zemisebenzi yobungoti, ukunakekelwa kwabavakashi, ukuthengisa kanye nezokuthutha), kuyofinyelela kuma-quaternary activities, okuyimisebenzi edinga ulwazi olusezingeni eliphezulu kanye nobungoti bomsebenzi. (Bheka i-“development”, “dual economy”, “developing countries”, “countries in transition”, “secondary economic activities” kanye nama-“tertiary activities”.) Ngokwethiyori, wonke amazwe (iminotho) adlula kulezi zigaba zemisebenzi yomnotho futhi iningi lamazwe aneminotho emikhulu amhlabeni njengamanje asesigabeni sokuhlinzekwa kwezinsizakalo kanye nesigaba solwazi nobuchwepheshe obusezingeni eliphezulu. Kweminye iminotho emikhulukazi (isibonelo i-USA ne-England) ukukhiqizwa kwempahla kudlala indima encane impela emnothweni, kanti ama-tertiary nama-quaternary economic activities wona awumgogodla womnotho. Ubungozi besimo esinjengaleso babonakala ngokucacile ngesikhathi sokufadalala komnotho womhlaba ngowezi-2008. Iminotho esithuthukile kakhulu yase-Western Europe kanye nomnotho wase-USA yonke yakhahlamezeka kakhulu, kodwa-ke umnotho wase-Germany wona awukhahlamezekanga kakhulu. Njengoba i-Germany yayisenomkhakha wezokukhiqiza nowezimboni oqinile, ayikhahlamezekanga kakhulu ngenxa yokufadalala komnotho womhlaba. Njengamanje, eminye iminotho (enjenge-USA, Britain, France, Italy, Japan kanye namanye amazwe ase-Europe) imatasa ikhulisa kabusha, futhi ngenkuthalo, imikhakha yayo yezokukhiqiza ebishaywe indiva esikhathini esedlule, futhi kusenjalo igqugquzela nama-primary economic sector ayo, ngenhloso yokulinganisa kahle imisebenzi yayo engama-primary, secondary, tertiary kanye nama-quaternary activities. Ngenxa yokufadalala komnotho womhlaba kowezi-2008, sekucace kahle kamhlophe ukuthi kudingeka ukuthi kube nokulingana phakathi kwayo yonke imikhakha, ngenhloso yokuqinisekisa ukusimamisa nokuqhuba umnotho othuthukile.