PPP, ukubambisana kukahulumeni nomkhakha ozimele — isiZulu

Noma yiluphi uhlelo lwentuthuko lapho yomibili imikhakha, okahulumeni (noma umbuso) kanye nozimele (ovamise ukubizwa ngomkhakha wabamabhizinisi) ibamba iqhaza futhi ifake izimali kanye nolwazi lobungoti nabasebenzi kanye nanoma yini enye edingekayo ohlelweni lolo. Umkhakha kahulumeni ongazibangakanya ohlelweni kungaba wumkhakha kazwelonke, owesifundazwe noma owendawo, noma-ke inhlanganisela yale mikhakha. Kulowo mklamo kungaba khona nesikhungo esisodwa noma ngaphezulu esimele abomkhakha ozimele. Ngokujwayelekile, isivumelwano sokubambisana esinjalo senziwa ngenhloso yokufezekisa injongo ethile, isibonelo, ukwakha inkulisa noma izinkundla zemidlalo noma ukuhlela umkhankaso wokuqoqa udoti nemfucuza endaweni ethile, ukuvuselelwa nokulungiswa kabusha kwendawo eyixhaphozi, ukuhlinzeka ngosizo lokunakekelwa kwabantu abantekenteke abangakwazi ukuzenzela izinto, ukulekelela abantu abaphila ne-HIV ne-Aids, noma ukwenza ngcono izikhungo zemfundo nokuphucula izinga lemfundo. Awukho umkhawulo obekiwe maqondana nobukhulu bomklamo futhi awukho umbandela obekiwe wokuthi umbuso kanye nomkhakha ozimele kumele bafake igalelo elilinganayo, okungukuthi u-50/50. Esikhathini esiningi, omunye walabo ababambe iqhaza emklamweni ufaka izimali, bese kuthi lowo abambisene naye yena athole abasebenzi abazoqhuba umsebenzi futhi benze nokunye okuphathelene nomklamo. Kunezindlela eziningi kakhulu futhi ezihlukahlukene zokusungula, ukuhlela, ukuqhuba kanye nokuhlola impumelelo yomklamo onjalo okubanjiswene kuwona. (Qaphela: Ungaphambanisi isifinyezo samagama esishiwo ngenhla esithi “PPP” nesifinyezo esithi “PPP” esisetshenziswa kwezokuphathwa kwemvelo ngokukhethekile, okuqondiswe kwizinqubomgomo, izinhlelo kanye nemiklamo.)