ukubamba iqhaza komphakathi — isiZulu

Ukubandakanywa komphakathi ekuthathweni kwezinqumo mayelana nomsebezi wokwakha noma umklamo ohlongozwayo okungenzeka ube nomthelela omkhulu kwimvelo. Inqubo-kusebenza yokuphathwa kwemvelo ngendlela edidiyelwe (IEM) ihlinzekela ukubamba iqhaza komphakathi ekuthathweni kwezinqumo, futhi imithetho yezemvelo yaseNingizimu Afrika (bheka i-“environmental management”) ibeka ukubamba iqhaza kwemvelo njengento esemqoka okumele yenziwe ngaphambi kokuba kukhishwe imvume yokwakha umklamo. Ngenxa yalokho-ke, bonke abantu abanentshisekelo kanye nalabo abathintekayo (IAPs) kumele kuboniswane nabo ngaphambi kokuthi kuqhutshekelwe phambili nomklamo wokwakha. Ngokomthetho, umhlongozi womklamo kumele azise umphakathi wendawo okuzokwakhiwa kuyona kanye nomphakathi wesifunda sonkana, mayelana nesiphakamiso sakhe somsebenzi ohlongozwayo, futhi emva kwalokho ahlangane nawo wonke ama-IAP, awachazele imininingwane yomklamo ohlongozwayo, futhi ayibandakanye imibono yomphakathi esiphakamisweni sakhe esizothunyelwa kwiziphathimandla, ngokuhamba kwesikhathi, sokuba anikezwe imvume yokuqhubeka nomklamo. Miningi impela imiklamo ehlongozwayo enqatsheliwe eNingizimu Afrika noma-ke eguqulwe kakhulu ngenhla yokuthi umphakathi ubungabandakanywanga ngokwanele futhi ungaziswanga ngokugculisayo. Empeleni, lokhu kungenye yezinto ezisebenza kahle kakhu ohlelweni lwaseNingizimu Afrika lokuphathwa kwemvelo.