izindawo ezivikelekile — isiZulu

Noma iyiphi indawo esemakhaya noma esedolobheni ebonakala njengendawo okufanele ivikelwe futhi/noma ilondolozwe ukuze izizukulwane zangomuso nazo ziyisebenzise, ziyithokozele futhi zihlomule ngokuba khona kwayo. Lokhu kubandakanya iziqiwu, izimpophoma ezinobuhle obumangalisayo, izindawo ezinhle kakhulu ezisogwini lolwandle, odedangendlale bogwadule olungakonakaliswa, izindawo zomlando ezisemadolobheni, izingxenye zakudala ezisenkabeni yedolobha, izinto ezakhiwe ngabantu kanye nemivukubulo yabantu yasemandulo kanye nendawo eyizungezile, njalo njalo. Izigcinamagugu zihlinzeka ngendawo ephephile yokugcina izinto ezingamagugu ezincane, kepha ngeke neze umuntu akwazi ukuvalela lapho izinto zemvelo noma ezakhiwe ngabantu ezinkulu kakhulu, njenge-Taj Mahal e-Aggra (India), ama-pyramids kwelase-Egypt, i-Kruger National Park, i-Cradle of Humankind World Heritage Site kanye nezimpophoma zase-Iguassú! Kepha-ke, nakuba kunjalo lezi zindawo kanye nezinto sekuphele iminyaka ngeminyaka noma amakhulukhulu eminyaka imbala abantu bebona kunesidingo esikhulu sokuthi zivikelwe, futhi imizamo yokuvikela lezi zindawo nezinto yaqala eminyakeni eminingi edlule. Esikhathini sasemandulo, kungakaphushwa nokuphupha ukuthi kuyoke kube khona into ebizwa ngokuphathwa kwemvelo, esiyibona kulezi zinsuku, kwase kuqalile kakade ukuvikelwa kwalezi zindawo nezinto ezikhethekile eziyigugu futhi ezinesikhala esingeke neze sivalwe ngezinye, ngokuthi kwenziwe izivumelwano ezihlukahlukene zamazwe ngamazwe ezingahlelekile kahle (ad hoc), nemithetho kazwelonke, nemitheshwana yezifunda kanye/noma yomasipala kanye neminye imithetho eminingi futhi ehlukahlukene eyabe yenzelwe ukuqinisekisa ukuvikelwa kwalezi zindawo nezinto eziyigugu. Nakuba izinqubo nemithetho yokuphathwa kwemvelo okukhona njengamanje kuhlinzekela ukuvikelwa kwalezi zinto ezikhethekile eziyigugu, zisasebenza ezinye zezinqumo zokuvikelwa kwemvelo ezathathwa emandulo ngaphambi kwenqubo ehlelekile yokuphathwa kwemvelo. Ezimweni eziningi, kuvamise ukuthi izinqubo ezibekiwe eziqondene nokuvikelwa kwendawo noma kwento ethile eyigugu kube yizona ezilandelwa kakhulu kunemithetho ejwayelekile yokuphathwa kwemvelo. I-Antarctica yisibonelo esihle salokho. Imithetho yezemvelo ejwayelekile ayisebenzi e-Antarctica, ngoba phela yona ivikelwe yi-International Antarctic Treaty, okuyisivumelwano esivikela le ndawo futhi okuyisona esilawula zonke izinqumo ezithathwayo eziphathelene ne-Antartica. Uma kubhekwa lezi zibonelo ezimbalwa ezingenhla, kubonakala ngokucacile ukuthi izindawo nezinto ezingamagugu ezihlukahlukene, okumele zivikelwe, zihluke kakhulu ngokobukhulu nobunjalo bazo. Ngisho nasesikhungweni esisodwa imbala esivikelekile, esinjenge-Cradle of Humankind World Heritage Site, kunezingxenye ezivikelwe kancane, bese futhi kuba nezingxenye ezivikelwe kakhulu, kangangokuthi kwezinye zazo abavumelekile abavakashi. Lolu hlobo lokuvikeleka lusetshenziswa kakhulu kulezi zinsuku ukuze izingxenye ezithile zendawo evikelekile zingavulelwa ngisho umphakathi imbala, bese kuthi ezinye izingxenye zithathwe njenge-buffer zone engavikelwe ngesandla esiqine kakhulu lapho umphakathi uvumelekile ukuthokozela izimangaliso zemvelo noma ezakhiwe ngabantu ezikhona kulo mhlaba wethu onezindawo nezinto ezinhlobonhlobo ezingamagugu. (Qaphela: Kusemqoka ukuba kwaziwe ukuthi ukuphathwa kwemvelo kuphathelene nakho kokubili izindawo nezinto zemvelo kanye nalezo ezakhiwe ngabantu.)