i-population pyramid — isiZulu

Umdwebo obonisa uhlaka lwesimo somphakathi othile ohlala. Zimbili kuphela izici zomphakathi ezenza ukuba umphakathi othile wehluke kweminye, okuyizici ezisetshenziselwa ukwakha (ukudweba) i-population pyramid, futhi lezo zici wubulili neminyaka yobudala. Nakuba i-population pyramid kungumdwebo olula nje obonisa isimo sohlaka lomphakathi, iqukethe ulwazi oluningi impela futhi olusemqoka kakhulu (bheka i-“population growth”). Ngakho-ke, kwi-demographic data eyisisekelo, futhi etholakala kalula, kungatholakala nolwazi olubaluleke kakhulu. Mhlawumbe kubaluleke kakhudlwana impela ukuthi ama-population pyramids ahlinzeke ososayensi ngomfanekiso olula ozosetshenziselwa ukuqhathanisa izici zemiphakathi ehlukahlukene ephila ezindaweni ezihlukahlukene. Ngokubheka i-population pyramid umuntu angafunda ngokushesha izinombolo zoqobo (absolute numbers) kanye nezinombolo eziyisilinganiso sobungakho (proportional figures) bese ebala izinkomba. Izinombolo zoqobo, njengalezo ezibonisa abantu emaqenjini aneminyaka yobudala ehlukahlukene noma ubulili obuhlukene, kanye nesilinganisonani somphakathi othembele kwabanye ngokwezomnotho (bheka i-“development” kanye nama-“developing countries”), ukuhlukahlukana komphakathi ngokweminyaka yobudala, isimo somphakathi ngokobulili, isilinganiso sokushona kwezinsana, isilinganiso sobude besikhathi esiphilwa ngabantu emhlabeni, kanye nezinye izici ezihlukahlukene kungatholakala ngokuhlaziya nokucubungula i-population pyramid. I-population pyramid ingenye yemifanekiso yejografi ewusizo kakhulu esetshenziselwa ukuqhathanisa imiphakathi ehlukahlukene (bheka i-“demographic data”). Ngisho namaphephabhuku ajwayelekile imbala, anjenge-Time, avamisile ukuyisebenzisa.