izizinda ezikhangayo — isiZulu

Indawo, isimangaliso, umbukwane omuhle, ingxenye yezwe ebukeka kahle kakhulu, ithuba, okuthile okwenziwayo noma isigameko, abangathanda ukukubona noma ukukubukela abantu, noma ukubamba iqhaza kukhona noma ukuba khona lapho kwenzeka noma ukuba yingxenye yakho. Kujografi nezokuphathwa kwemvelo, leli temu lisetshenziswa ikakhulukazi kwezokuhamba kanye nokwehla nokwenyuka kwabantu besuka endaweni ethile beya kwenye, ukufuduka, ukuvakasha, izenzo eziphathelene nomnotho kanye nokuhlinzekwa kwezinsizakalo. Izindawo ezithile kungenzeka zikhange kubantu ngoba phela zihlinzeka ngamathuba omsebenzi (isibonelo, abantu baseZimbabwe nabaseMalawi abafudukela eNingizimu Afrika ngoba bethungatha amathuba omsebenzi), noma zihlinzeka ngethuba lokufinyelela emicimbini nemikhosi yezenkolo esemqoka kakhulu (isibonelo, uhambo lwe-hajj lwaminyaka yonke oluyingcwele oluya e-Mecca), amabhishi amahle kakhulu (njengaseThekwini, e-Cape Town kanye nase-Rio de Janeiro), izimpophoma ezinobuhle obumangalisayo (njenge-Iguassú Falls phakathi kwe-Brazil ne-Argentina, kanye ne-Victoria Falls phakathi kwe-Zimbabwe ne-Zambia), noma amagagasi amakhulu okuntweza kamnandi olwandle (njengase-Hawaii noma e-Bondi Beach kwelase-Australia). Izizinda ezikhangayo ziholela ekutheni abantu bafuduke noma behle benyuka, futhi uma kubhekwa lezi zibonelo ezihlinzekwe lapha ngenhla, kuyacaca ukuthi ukuhamba nokuvakasha kwabantu kuyenzeka naphakathi kwemingcele yamazwe ngamazwe. Sekuyisikhathi impela eside amazwe omhlaba enza izivumelwano zepolitiki ezivumela ukuthi abantu bavakashe ngokukhululeka phakathi kwemingcele yamazwe ahlukahlukene, bayobona izindawo ezikhangayo emazweni angaphandle. Bayingcosana abakuphawulayo ukuthi beqa umngcele ophakathi kwe-Brazil ne-Argentina ngenkathi besohambweni lokuvakashela impophoma yase-Iguassú. Olunye uhlobo olusha futhi olukhula ngesivinini esikhulu lokuvakasha kwabantu phakathi kwemingcele yamazwe ahlukene lwenziwe ngokwakhiwa nokuthuthukiswa kweziqiwu namapaki agxamalazele imingcele yamazwe amabili noma ngaphezulu. INingizimu Afrika inazo iziqiwu ezinjengalezi phakathi kwayo ne-Mozambique, Zimbabwe, Botswana, Namibia kanye ne-Lesotho. Kulawa mapaki neziqiwu, isusiwe imingcele phakathi kwamazwe futhi isivakashi noma isihambi asikwazi ukubona uma sesiphumile ezweni elithile sesingene kwelinye. Lokhu kuhamba kwezivakashi ngokukhululeka, zinqamule imingcele yamazwe ahlukahlukene ziyobona ubuhle bemvelo obumangalisayo, kuwumphumela wezingxoxo nokubonisana kwezepolitiki eziholele ekutheni kusayinwe izivumelwano phakathi kwamazwe ahlukahlukene, kepha-ke umuntu kumele akhumbule ukuthi izimo ezithile eziphathelene nezepolitiki zihlala zikhona ngaphakathi kwezinto ezenzekayo eziphathelene nezemvelo, ezenzeka phakathi kwemingcele yamazwe ahlukene. (Bheka i-“refugee”.)