ukungabi khona kozinzo lwezepolitiki — isiZulu

Isimo esibonisa ungabazane mayelana nokuthi ngubani onamandla negunya lokuphatha nokulawula endaweni ethile emhlabeni, echazeka ngokucacile. Ngokwezepolitiki, lo mhlaba esiphila kuwona uhlukaniswe waba ngamazwe ahlukahlukene anemingcele eklanyiwe (bheka i-“demarcation”), okusho, amayunithi ezepolitiki (political units). Ngokuvamile, izwe lithathwa njengendawo ezimele engaphansi kolawulo lwesiphathimandla esinegunya. (Qaphela: ungaphambanisi izifundazwe ezihlukahlukene zase-United States of America nezwe lonkana elibumbene lase-USA). Esimweni esijwayelekile, izwe ngalinye lingaphansi kolawulo lwesiphathimandla esinegunya, okungenzeka kube ngumbusi oyedwa (njengenkosi, indlovukazi, undlovukayiphikiswa, noma umholi), noma iqembu elibusayo elithathe izintambo zokwengamela, noma umuntu okhethwe ngokwentando yabantu kanye neqembu lakhe. Kodwa-ke, kunezinhlobo ezihlukahlukene zohulumeni noma amagunya okuphatha nokulawula, kangangokuthi esikhathini esiningi kuyinto engenakwenzeka ukuchaza wonke amagunya okulawula noma amandla okwengamela ezweni elithile. Ngaphezu kwalokho, umhlaba wezwe ngalinye uvamise ukungachazwa ngendlela ecacile. I-geopolitical map yomhlaba iwumfanekiso obonisa isimo esiguquguqukayo segunya lokwengamela, ngenxa yoguquko olwenzeka ngaso sonke isikhathi kwezepolitiki yendawo okuhlala kuyona abantu. Kunemibango yemingcele eminingana impela eyenzekayo phakathi kwamazwe omhlaba, isibonelo, umngcele phakathi kwe-North Korea ne-South Korea, lapho njengamanje i-38˚N parallel (umugqa we-latitude) ithathwa njengomngcele ohlukanisa lawa mazwe amabili, futhi phakathi kwawo kunodedangendlale womhlaba othathwa njengomhlaba ongenamnikazi, okusho ukutho akuwona umhlaba we-North Korea futhi akuwona umhlaba we-South Korea. Imibango yemingcele phakathi kwezwe lakwa-Israel ne-Palestine iyinzukazikeyi eyindida kakhulu, kangangoba ngeke neze umuntu akwazi ukuyichaza ngemisho embalwa nje. Ziningi ezinye izibonelo esingazibala lapha, kodwa umongo wakho konke lokhu wukuthi isimo sepolitiki yezindawo okuhlala kuzona abantu ngeke neze sibe yinto umuntu angaba nesiqiniseko esiphelele ukuthi sime kanjani. I-geopolitical map ngayinye yomhlaba kungenzeka ukuthi ibonise imifanekiso “esiphelelwe yisikhathi” ngenxa yokuguquka ngokushesha kwesimo sepolitiki yendawo emva kokudwetshwa komfanekiso kwebalazwe! Into eyenza futhi ukuthi sixake kakhudlwana lesi simo esiyindida kakade, wukuthi emazweni omhlaba amaningi kuvamise ukuthi kube nezinxushunxushu zepolitiki zangaphakathi. Kwamanye amazwe, igunya lokuphatha nokwengamela liyashintsha-shintsha lisuka eqenjini lezepolitiki elithile liye ezandleni zelinye, noma lisuke embuthweni wezempi omunye liye komunye. Yingakho-ke, ukungabi khona kozinzo lwezepolitiki kwenzeka phakathi kwamazwe ahlukene, futhi kwenzeke nangaphakathi ezweni ngalinye. Ngaphandle nje kobunzima ezihlangabezana nabo izakhamizi zezwe elithile noma zesifunda esithile ngenxa yokungabi khona kozinzo lwezepolitiki, lokhu kunomthelela omkhulu esimweni sesifunda sonkana noma somhlaba wonkana, futhi kunomthelela nakwezomnotho wezwe imbala. Kuyinto esobala ukuthi abatshalimali ngeke neze batshale izimali zabo emazweni noma ezifundeni ezingenalo uzinzo lwezepolitiki, okuwutshalomali oluqondile oluvela emazweni angaphandle (FDI), ngoba phela kungenzeka balahlelekwe yizimali zabo uma kwenzeka uguquko lombuso. Ukungabi khona kozinzo lwezepolitiki kuyinto edlangile impela kwelase-Afrika, futhi abatshalimali bamazwe aphesheya kwezilwandle njenge-European Union, i-USA, i-China, i-World Bank (WB), i-International Monitory Fund (IMF) kanye nabatshalimali abakhulukazi abanjengezinkampani eziyizikhondlakhondla ezinamagatsha emazweni amaningi (MNCs) bamanqikanqika futhi bayakwexwaya ukutshala izimali zabo emazweni avamise ukuba nenkinga yokungabi khona kozinzo lwezepolitiki (njengamazwe amaningi ase-Afrika nezifunda ezinjenge-Middle East) futhi uma kwenzeka benquma ukutshala izimali zabo kulawa mazwe, lokho bakwenza ngokucophelela okukhulu. Uma amazwe asathuthuka efisa ukuheha abatshalimali bamazwe angaphandle kumele abe nozinzo ngokwanele kwezepolitiki oluzoqinisekisa abatshalimali ukuthi bazothola inzuzo ngezimali zabo abazitshalile, esikhundleni sokulahlekelwa yilezo zimali zabo.