i-orthophoto map — isiZulu

Lesi yisithombe sasemoyeni esibheke phansi (bheka i-“airphoto”) esibonisa ingxenye yomhlaba, okuyisithombe esilungiswe ngendlela ekhethekile ukuze sibe wuhlobo lwe-topographical map olunosizo kakhulu. Lawa ngamabalazwe ezithombe anesilinganiso sebalazwe (scale) esikhulu impela (1:2 500, 1:5 000, 1:10 000 kanye no-1:15 000) lapho kwengezwe khona ama-contour lines, spot heights kanye nezichasiselo zebalazwe (bheka ama-“contour maps”, “isometric lines” kanye ne-“interpolation”). ENingizimu Afrika, uchungechunge lwamabalazwe olusemthethweni lubekwe kwisilinganiso sebalazwe esingu-1:10 000, kodwa-ke yizizinda ezisemadolobheni (urban complexes) ezinkulu kuphela eziboniswayo kuwo. Ama-orthophoto maps anobuhle (adavantage) obubodwa obukhulu uma eqhathaniswa nama-topographical maps, okuwukuthi ayizithombe zoqobo eziqukethe lonke ulwazi mayelana naleyo ngxenye yomhlaba ethwetshuliwe, futhi iboniswa njengoba injalo futhi ngendlela ebukeka ngayo uma ibukwa ngamehlo. Esinye isici esibonisa ubunjalo balawa mabalazwe wukuthi – ngenxa yesilinganiso esikhulu – kungadingeka amaheheba ebalazwe ayi-15 noma angama-20 noma ngaphezulu ukubonisa isizinda esisedolobheni esinjengedolobha laseThekwini, kanti iheheba elilodwa nje le-topocadastral map elingu-1:50 000 libonisa ngokuphelele yonke leyo indawo ebalazweni. Ngaphansi kwezimo ezithile, kuwusizo olukhulu ukusebenzisa i-topocadastral map, kepha ngaphansi kwezimo ezihlukile alukho uhlobo lwebalazwe olungenza umsebenzi omuhle ngaphezu kwama-orthophoto maps ngenxa yemininingwane eqondile ehlinzekwa yilolu hlobo lwebalazwe. Kuyinto emangalisayo futhi ukubona ukuthi kushibhile ukukhiqiza ama-orthophoto, futhi ngalokho kulula ukufaka ulwazi lwakamuva kuwona. (Bheka i-“topographical map”, “cadastral map” kanye ne-“topocadastral map”.)