multiplier effect, ukuphindaphindeka kwempumelelo — isiZulu

Leli yitemu lezomnotho, uma libekwa ngendlela elula nje, elichaza ukuthi impumelelo izala impumelelo. Ukuphumelela kwesitolo esisodwa endaweni ethile kuholela ekutheni kusungulwe amanye amabhizinisi eduze kwaso, okuyinto ezoheha amanye futhi amabhizinisi, njalo njalo. Isibonelo, umlimi othile uqala ukutshala i-canola (okuyisitshalo okukhishwa kusona uwoyela wokupheka, i-canola cooking oil) esikhundleni sikakolweni, okuyisitshalo esivamise ukutshalwa kuleso sifunda. Umlimi uthola inzuzo enhle kakhulu nge-canola yakhe futhi ngonyaka olandelayo abanye abalimi abambalwa nabo sebetshala i-canola futhi ngalokho-ke i-multiplier effect ithola umfutho omkhulu, futhi ngokushesha emva kwalokho bonke abalimi bendawo bagcina sebetshala i-canola (njengoba kwenzeka esifundeni sase-Overberg eNingizimu Afrika). Kodwa-ke, umkhiqizo kakolweni usuqale ukuncipha ngesivinini esikhulu futhi khona maduze nje umkhiqizo kakolweni uzokwehla kakhulu kangangokuthi ukolweni uzogcina usuthengwa emazweni angaphandle. Umjikelezo webuyisambiko (bheka i-“feedback loop”) ohlelweni lwezomnotho uzoqinisekisa ukuthi ukukhula komnotho kuqhubeka ngomdlandla omkhulu. Lokho okubizwa “ngesimangaliso sesishiyagalombili emhlabeni”, okusho, inzalo engezwa phezu kwenzalo (compound interest), kuyibonisa kahle kakhulu le-multiplier effect okukhulunywa ngayo lapha. Imali etshaliwe (invested) iyakhula bese ithola inzalo futhi uma kuyisigaxa esikhulu semali sikhula ngokushesha okukhulu futhi sizuza inzalo ephakeme. Manje umtshali-mali uthola inzalo phezu kwenzalo futhi imali yakhe yenza imali ethe xaxa, futhi lokhu kuyaziphindaphinda ngokuqhubekayo. Umuntu oyi-billionaire kulula kakhulu ukuthi enze esiye isigidi samarandi futhi yilokho okwenza ukuthi abantu abacebe kakhulu emhlabeni baqhubeke nokuzuza umcebo omningi, kanti-ke labo abahlwempu bona bayaqhubeka nokuba hlwempu kakhulu kunakuqala. Lusebenza kanjalo-ke uhlelohwebelwano logombelakwesakhe loqobo, olukhululeke ngokuphelele (classic capitalist, totally free-market economic system). Ohlelweni olunjalo, ukukhula komnotho kanye nokukhula kwezimboni kwenzeka ngokwe-exponential rate, hhayi ngokwe-geometric rate. Kepha-ke lokhu ngeke kuqhubeke unomphela, kodwa akekho owaziyo ukuthi uhlelo luyofadalala nini. Mayelana nalokhu, izinhlelo zemvelo kanye nezinhlelo ezakhiwe ngabantu zenza into efana ncamashi. I-exponential growth wuhlelo lwemvelo futhi nalo luholela ekufadalaleni kohlelo, kodwa-ke asikwazi ukubikezela ukuthi kuyofinyelelwa nini eqophelweni lokufadalala kohlelo.