izinga lokusabalala kwezifo emphakathini — isiZulu

Isimo sokugula noma sokukhahlanyezwa kwabantu yizifo emphakathini. Njengoba izibalo, zoqobo, zabantu abagulayo zingelona usizo futhi zingeke zakhe isisekelo sokuqhathanisa umphakathi othile nezinye izindawo kanye neminye imiphakathi, kuvamise ukuthi kubalwe izinga lokusabalala kwezifo emphakathini (morbidity rate) ngenhloso yokuchaza isimo sokugula nokukhahlanyezwa kwabantu yizifo emphakathini. Maningi impela amazinga okusabalala kwezifo emphakathini angabalwa futhi asetshenziswe, futhi iziphathimandla zezempilo kumele zikhethe izinga elilodwa elihambelana kakhulu nenjongo ezifuna ukuyifezekisa. Uma kugula abantu abayi-10 kwiqoqwana ngalinye labantu abayi-1 000 emphakathini othile, futhi uma komunye umphakathi kugula abantu abangama-25 kwiqoqwana labantu abayi-1000, singakhipha umbono oqinile impela kanye nesiphetho esinohlonze mayelana nesimo sokugula kule miphakathi. Kodwa-ke kukhona izimo ezenza ukuthi lokhu kungabi lula neze; isibonelo, akulula neze ukuthola ukuthi abantu bebegula ngendlela efanayo, nokuthi sebegule isikhathi esilinganayo kanye nokuthi ukuhlonzwa kwesifo emizimbeni yabo kunokuthembakala okulinganayo nom cha. Ngenxa yalokho-ke, ukuqhathaniswa kwezimo zokugula emiphakathini kumele kwenziwe ngokucophelela okukhulu. Emkhakheni wejografi yezempilo (noma ijografi yezokwelapha) ukuqoqwa kwedatha kunzima kakhulu, futhi izazi zejografi yezokwelapha zivamise ukwabelana ngehlaya elidumile elithi “eye-ball your data real close” (“uyibheke ngeso elibukhali idatha yakho”).