i-modernisation paradigm — isiZulu

Iqoqwana lamathiyori ezomnotho abonisa ukuthi intuthuko yezobuchwepheshe iholela entuthukweni yezomnotho, nokukhula kwenhlalakahle yabantu, namazinga aphakeme okubhala nokufunda kanye namazinga aphakeme emfundo, ukwehla kwezinga lokukhula kwenani labantu ezweni kanye nezinga lempilo elingcono kubantu. Le modeli inombono wokuthi ukusetshenziswa kwemishini embonini yezolimo kanye neyezimboni, ukuqiniswa kwama-secondary positive nama-tertiary sectors omnotho (ngokusebenzisa izibonelelo-nkuthazo), ukutholakala kosizo lwezempilo olungcono, amazinga emfundo aphakeme, ukukhuliswa kwemali engenayo kumuntu ngamunye emphakathini kanye nokwehla kwezinga lokukhula kwenani labantu ezweni, konke kuhlobene futhi kuletha impumelelo. Le modeli iwumqondo owaqala ukuvela okungenani eminyakeni engama-50 eyadlula, ngakho-ke sekube nesikhathi esanele sokuhlola nokuhlaziya lo mbono osekelwe phezu kwamathiyori ayingxenye yale modeli. Kepha-ke, kuze kube manje abukatholakali ubufakazi obuqanda ikhanda obusekela lo mbono. Kwamanye amazwe, lobu budlelwano obuhle bubonakalile okwempela, kepha abukabonakali neze kwamanye. Emazweni amaningi ase-Afrika, abukho ubufakazi obuvelayo obusekela lawa mathiyori. Emazweni ombimbi lwe-BRICS (Brazil, Russia, India, China kanye South Africa; bheka i-“economic development”) bukhona ubudlelwano obuhle obuke babonakala, kodwa kuphela ezingxenyeni zezwe ezithile, hhayi ezweni lonkana. Ziningi kakhulu izindawo lapho bungabonakalanga neze ubufakazi bale modeli, kangangokuthi ngeke yamukeleke njengeqiniso eliphelele. Kunesigameko esisodwa esiphathelene ne-USA esingasihlaziya ukubonisa ukuthi kukhona okushaya amanzi ngamathiyori ale modeli. Ukwenziwa isimanjemanje kwesimo se-USA kanye nentuthuko yezomnotho kulandele cishe yonke imithetho ye-modernisation paradigm, kodwa intuthuko yezomnotho yaleliya lizwe seyiholele ekukhuleni ngendlela engalindelekile kwezinga lokukhula kwenani labantu ezweni ngenxa yokuthutheleka kwabantu kwelase-USA abavela kwamanye amazwe. Okunye okubonisa inkinga ngale modeli wukuthi emazweni amaningi ase-Afrika izinga lenzalo kanye nezinga lokukhula kwenani labantu lisalokhu liphezulu nakuba sekunentuthuko yezomnotho engconywana kanye nokuhlinzekwa kwezinsizakalo zosizo lwezempilo ezingcono. I-modernisation paradigm isemqoka ngoba ihlinzeka ngohlaka lokucabanga kwezesayensi (okusho, i-paradigm), kodwa akuzona zonke izibikezelo ezenziwe ngaphansi kwale modeli ezishaya emhlolweni noma eziyiqiniso ngokuphelele. (Bheka i-“economic development”, “human development index”, “economic growth”, “development”, “developed countries” kanye nama-“developing countries”.)