metropolitan area, indawo ewumkhandlu-dolobha — isiZulu

Indawo esedolobheni elawulwa yiziphathimandla zendawo okungenzeka kube ngabantu abaqokwe ngabahlali bakuleyo ndawo (bheka i-“local community”), noma abaqashwe yisiphathimandla esinegunya eliphakeme. Iziphathimandla zendawo zilawula leyo ndawo ngokuqinisekisa ukuthotshelwa kwemithetho nemithethonqubo kamasipala esebenza kuleyo ndawo eklanywe ngokucacile (bheka i-“demarcation”), kodwa-ke azinalo igunya namandla ngale kwemingcele yaleyo ndawo. Uma umngcele phakathi kwendawo esedolobheni kanye nendawo esemakhaya ubekwe ngokucacile, kuba lula ukubona ukuthi aqala kuphi futhi aphelela kuphi amandla eziphathimandla zendawo okuphatha nokwengamela, kodwa-ke esikhathini esiningi izindawo ezisemadolobheni azihlukanisiwe ngokucacile ezindaweni ezisemakhaya futhi zivamise ukuba nokuxhumana okuthile ezingxenyeni ezibanzi lapho kunokusetshenziswa komhlaba okuxubile, phakathi kwabantu abahlala ezindaweni ezisemaphethelweni ezindawo ezisemakhaya (semi-rural) kanye nezindawo ezisadolobhana (semi-urban) (bheka i-“land-use”) futhi amaphethini okuhlaliswa kwabantu awacacile neze kahle kulezi zindawo. Kuzo zonke izimo, amandla negunya lokwengamela lomkhandludolobha (metropolitan authority) kumele kuchazwe ngendlela ecacile futhi uma kungenjalo kungaqubuka imibango nezinxushunxushu eziningi endaweni. ENingizimu Afrika, lapho iziphathimandla zendawo zikhethwa ngabahlali, izindawo eziningi ezisemadolobheni zahlanganiswa kwakhiwa izindawo ezingama-metropolitan areas ezinkundlwana emva koguquko lombuso olwenzeka emva kowe-1994. Ngasekuqaleni, lokhu kwathanda ukudala ungabazane nokudideka okuncane kubahlali nakwiziphathimandla, kodwa-ke njengamanje sezaxazululeka zonke lezo zinkinga ezazikhona kuqala.