ukungondleki kahle emzimbeni — isiZulu

Isimo sokudlula kwesikhathi eside abantu bengatholi umthamo owanele wazo zonke izondlamzimba ezidingwa ngumzimba ukuze wondleke futhi ube ngumqemane. Lokhu kusemqoka kakhulu ezinganeni ezincane njengoba zidinga izondlamzimba ezinhlobonhlobo ukuze imizimba yazo ikhule ngendlela efanele futhi zikhule kahle nangokwengqondo. Ukungondleki kahle emzimbeni (malnutrition) akufani nokungakhuli kahle komzimba ngenxa yokushoda kokudla (under-nutrition) ngoba i-under-nutrition ithokala kuphela emazweni asathuthuka kanti i-malnutrition yona itholakala kukona kokubili, amazwe asethuthukile kanye namazwe asathuthuka (bheka i-“development” kanye nama-“developing countries”). Emazweni asathuthuka, akusatholakali ukudla kwendabuko okunomsoco okunhlobonhlobo obekutholakala ngokwemvelo, ngenxa yesibalo esikhulu ngokweqile sabantu abahlala kulawo mazwe, asebekudle baze bakuqeda konke ukudla kwemvelo. Ngenxa yalokho-ke, abantu bathola izinhlobo zokudla ezimbalwa kakhulu, okuwudla okuyisisekelo okuqukethe ikakhulukazi isitashi noma ama-carbohydrate njengelayisi, ummbila, amazambane, ubhatata, amabhoqongwane (yam) noma ukolweni. Ezikhathini zasemandulo esezithanda ukulibaleka ezingqondweni zabantu, okhokho balaba bantu babedla ukudla okunhlobonhlobo, futhi ukudla kwabo kwakunomsoco omningi uma kuqhathaniswa nokudla okudliwa yizizukulwane zabo eziphila esikhathini samanje. Kulezi zinsuku izigidi ngezigidi zabantu emazweni wonke asathuthuka sebedla ikakhuluzi ukudla okungenawo amaphrotheyini. Ngaphandle nje kokukhubazeka emzimbeni okubonakala ngokusobala ezinganeni ezikhule ngaphansi kwezimo ezinjalo, ezinye zalezo zingane zibonisa futhi nezimpawu zokukhubazeka ngokwengqondo. Laba bantu kungenzeka babe ngabantu abangazange bahlangabezane nezimo zendlala nokuntuleka kokudla, kepha kungenzeka ukuthi abakutholanga ukudla okuqukethe wonke amaphrotheyini, amavithamini, amaminerali kanye nezinye izinhlobo zokudla okuyingxenye yokudla okunezondlamzimba ezanele futhi ezifanele. Uma umuntu edla ukudla okungenazo izondlamzimba ezanele ngenkathi esemncane, ngelishwa lokho kungadala umonakalo oyohlala unomphela futhi ongeke ulungiseke ngokuhamba kwesikhathi. Ngakolunye uhlangothi, emazweni asethuthukile futhi okungamazwe acebile, sithola izingane ezidla ukudla okuningi ngokweqile kodwa okungenazo izondlamzimba ezidingekayo emzimbeni. Lezi zingane zikhuliswa ngokudla okungenampilo okugcwele amafutha (i-“junk food” noma ama-“take-aways”), futhi okungenawo kahle amavithamini namaminerali ayingxenye esemqoka kakhulu yokudla okunomsoco. Emazweni asethuthukile, acebile, ukudla okuyisisekelo okudliwa ngabantu abaningi kuqukethe ama-carbohydrates namaphrotheyini, kodwa akunawo kahle amavithamini namaminerali. Isibonelo esihle salokhu yisimo esenzeka ezweni lase-China esiwumphumela womthetho owabe uthi umndeni ngamunye kumele ube ngengane eyodwa nje vo. Ngowe-1979 i-China yethula inqubomgomo enzima kakhulu ethi abashadikazi bavumeleke ukuthola ingane eyodwa nje vo. Ngaphandle kweminye imithelela emibi yale nqubomgomo ebonisa ukungacabangisisi kahle (kodwa esiphelisiwe futhi engasasebenzi kulezi zinsuku), yaholela ekutheni kube nabantu abakhuluphele ngokweqile kwelase-China, okuyinto eyayingavamisile neze ukubonakala kubantu bakulelo lizwe esikhathini esidlule. Ngesikhathi sesizukulwane sengane eyodwa ekhaya, izingane zaziphakelwa ngokweqile ngoba lonke uthando nokunakekelwa kwakuqondene nengane eyodwa nje kuphela. Njengoba indlala nobubha kubeke engcupheni izigidigidi zabantu emazweni asathuthuka, ukukhuluphala ngokweqile (okuyinto ebulalayo) kubeke engcupheni izigidi ngezigidi zabantu emazweni asethuthukile. Ngasohlangothini lokunakekelwa nokubhekelelwa kwenhlalakahle yabantu kanye nasohlangothini lwezejografi, ziyinto ekhathazayo kakhulu lezi zibalo eziphakeme kangaka zabantu ababhuqwa yindlala kanye nabantu abakhuluphele ngokweqile, futhi amazwe lapho kuvamise ukutholakala khona zombili lezi zinhlobo zemikhakha namazinga empilo yabantu, abhekene nenkinga enkulu impela. INingizimu Afrika iyisibonelo esihle kakhulu selizwe elinjalo.