i-magnetic declination — isiZulu

I-angular distance phakathi kwe-geographic north pole kanye ne-magnetic north pole yomhlaba. I-magnetic north pole iyahambahamba endaweni encanyana yomhlaba futhi lokhu kubizwa nge-“pole wandering” (“ukuzulazulu kwepholi yomhlaba”), kanti i-geographic north pole ilokhu ime endaweni eyodwa, okusho ukuthi ayizulazuli. Inaliti yekhampasi ihlala njalo ikhombe ku-magnetic north pole, hhayi ku-geographic north pole. Ngenxa yalokho-ke, i-bearing (inkomba yendawo) ethathwe ngokusebenzisa ikhampasi kumele “ilungiswe” ukuze umuntu akwazi ukuthola ukuthi ikuphi inyakatho yoqobo. Ukuze kwenziwe lesi silungiso, umuntu kumele azi ukuthi kahle-kahle yini i-magnetic declination (bheka i-“bearing”). Okwenza izinto zibe nzima wukuthi ukuzulazula kwepholi yomhlaba kwenzeka ngokushesha futhi i-magnetic pole ayimi neze ndawonye, okusho ukuthi ilokhu igudluka futhi izulazula njalo. Futhi okunye okwenza izinto zibe nzima kakhulu wukuthi i-magnetic declination iyahlukahluka ngokwezindawo ezihlukahlukene ngoba i-direction ebheke ku-magnetic pole ekalwe endaweni ethile emhlabeni ngeke neze ifane ne-direction ekalwe kwenye indawo. Ngenhlanhla, wonke amabalazwe asemthethweni, ashicileliwe (njenge-1:50 000 topocadastral series yaseNingizimu Afrika) abonisa umfanekiso omncane ngasonqenqemeni (margin) lwekhasi ukubonisa i-declination yaleyo ndawo ngesikhathi sokushicilelwa kwebalazwe. Lolu lwazi lwenza kube lula kakhulu ukuthola ukuthi ikuphi inyakatho yoqobo (bheka i-“bearing”), kodwa ngaphandle kwalolu lwazi ngeke sikwazi ukuthola ukuthi kahle-kahle ikuphi inyakatho yoqobo. Ama-navigation instruments esetshenziswa kulezi zinsuku (njengama-GPS) ayahlinzeka ngalolu lwazi, kodwa uma ulahlekile usendaweni ethile, ehlane noma esigangeni, uphethe ikhampasi kuphela njengethuluzi othembele kulona ukuze ubone indlela, uyokwazi kuphela ukuthola ulwazi oluhlawumbiselayo olubonisa indlela ebheke enyakatho, hhayi ulwazi olunembayo.