i-macro environment — isiZulu

Leli temu lisho indawo enkulu okwenziwa kuyona ucwaningo, okungaba yindawo enkulu ngangomhlaba wonke imbala. Uma ucwaningo lugxile kwimvelo yomhlaba wonke, lokho kusho ukuthi ocwaningweni kusetshenziswa idatha eqoqwe emhlabeni wonke jikelele. Izazi zeJografi zicwaninga imvelo endaweni enkulu (macro-scale), endaweni emaphakathi ngobukhulu (meso-scale) kanye nasendaweni encane (micro-scale). Uma kugxilwe kwimvelo yomhlaba wonke lokho kusho ukuthi kwenziwa ucwaningo lwemvelo oluku-macro-scale. Ngenxa yobukhulu bocwaningo okumele lwenziwe, kuyinto engeke igwemeke ukuthi kugcinwe sekusetshenziswa inqubo yokucabangela noma ukuhlawumbisela ngobuhlakani ngoba phela ucwaningo ngeke neze lukwazi ukuqoqa idatha ezindaweni eziyizinkulungwane ngezinkulungwane emhlabeni wonke jikelele. Ngenxa yalokho-ke, i-macro-environmental research isebenzisa izindawo okuqoqwa kuzona idatha eziningi ngokunokwenzeka, kodwa futhi lolu cwaningi luthembela kakhulu nakwinqubo yokucabangela ngokuhlawumbisela ngobuhlakani. Uma ucwaningo lugxile ezindaweni ezincane, kuncane ukuhlawumbisela okudingekayo njengoba izindawo okuqoqwa kuzona idatha zisondelene kakhulu. Uma kwenziwa i-micro-environmental research, inani elifanayo lezindawo okuqoqwa kuzona idatha lihlinzeka ngenqwaba yedatha yendawo encane nje, ngakho-ke leyo kumele kube yidatha esezingeni eliphezulu kakhulu ngoba phela kusuke kuyidatha eqondene nendawo encane. Kuleso simo-ke kuncane kakhulu ukucabangela nokuhlawumbisela okudingekayo. Kweminye imikhakha ekhethekile ye-Jografi (isibonelo, ijografi yezempilo) lolu hlobo lwedatha lusemqoka kakhulu ngoba ukucabangela nokuhlawumbisela kuholela ekutholakaleni kwemiphumela engathembakali. (Bheka i-“meta data”.)