i-location) — isiZulu

I-location yento ethile yindawo noma iphoyinti emhlabeni lapho kutholakala khona leyonto okukhulunywa ngayo. Kunezindlela ezihlukahlukene zokuchaza ukuthi itholakala kuphi indawo ethile. Izindlela ezimbili ezisetshenziswa kakhulu yi-relative location noma i-absolute location yendawo ethile. Uma singasebenzisa i-Cradle of Humankind World Heritage Site njengesibonelo, lesi sizinda esiyigugu lomhlaba singathi sitholakala e-Gauteng, eNingizimu Afrika. Lena yincazelo engacacile neze ye-relative location (ukuhlonza ukuthi ikuphi indawo ethile ngokuyiqhathanisa nenye indawo edumile). Le ncazelo singayicacisa kakhudlwana ngokwengeza ukuthi i-Cradle of Humankind World Heritage Site itholakala cishe ebangeni elingamakhilomitha angama-35 enyakatho-ntshonalanga yeGoli futhi kufinyeleleka kalula kule ndawo ngomgwaqo onguthelawayeka u-N14. Ngale ncazelo, abantu bangayithola le ndawo, kodwa futhi-ke i-location yale ndawo ingachazwa ngendlela enembayo ngokusebenzisa i-absolute location (isimo soqobo futhi esinembayo sokuthi indawo ethile ikuphi). I-absolute location yiphoyinti eliqonde ngqo futhi elinembayo elibonisa amazinga (degrees), amaminithi kanye namasekhondi elathithudi kanye namazinga, amaminithi kanye namasekhondi elongithudi, lapho kutholakala khona into noma indawo ethile emhlabeni. I-absolute location ye-Cradle of Humankind ithi 25˚58’02” eningizimu kanye no-27˚39’45” empumulanga. Kulezi zinsuku i-absolute location isetshenziswa kakhulu njengoba sekuvamise ukusetshenziswa ama-global positioning systems (GPSs) ezimotweni.