anthropocentrism, ukubekwa phambili kwezidingo zabantu — isiZulu

Umbono othi izidingo nezimfuno zabantu kumele kube wumongo wazo zonke izinyathelo nezinqumo zethu mayelana nemvelo. Ngaphansi kwalo mbono, abantu babonakala njengento ebaluleke ngaphezu kwemvelo futhi empeleni ukuba khona kwemvelo kwenzelwe ukuhlinzekela abantu kanye nokwanelisa izidingo zabo. Lokhu kubizwa nge-utilitarianism (futhi ngesinye isikhathi kubizwa nge-utilism) futhi kusho ukuthi imvelo ibaluleke ngento eyodwa nje kuphela, ukuba wumthombo wempilo kubantu kanye nokwanelisa izidingo zabo. Imvelo ayinakho ukubaluleka okuyisisekelo noma ukubaluleka kwangaphakathi (intrinsic value), futhi yonke imisebenzi yokongiwa, ukuvikelwa kanye nokuphathwa kwemvelo, iqondiswe ekusekeleni, ekusimamiseni kanye nasekwenzeni ngcono impilo yabantu. Iningi lemibono namathiyori ajwayelekile okusimama kwemvelo asekelwe phezu kwenkolelo yokuthi imvelo kumele ilawulwe ngendlela efanele ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi izizukulwane zangomuso ziphila impilo enhle. Abantu babonakala benesibopho sokuvikela imvelo ukuze kuqinisekiswe inhlalakahle yezizukulwane ezizayo. Ngakho-ke kumele baphendule ngesimo semvelo esiyotholwa yizukulwane zangomuso. Umbono obeka phambili izidingo nezimfuno zabantu uphikisana ngokucacile nombono wokugxila ezidingweni zemvelo (envirocentric) (bheka i-“ecocentrism”), lapho imvelo ithathwa njengento enokubaluleka kwangaphakathi, okusho ukuthi, ayigcini nje ngokubaluleka ngenhloso yokufezekisa izidingo zabantu. Ukuphathwa kwemvelo ozofunda ngakho kulesi sifundo seJografi noma esifundweni sokuPhathwa Nokulawulwa Kwemvelo kusekelwe phezu kwefilosofi yokubekwa kwabantu nezidingo zabo eqhulwini. Amasu agxile ezidingweni zemvelo awakaze abe nesasasa ngokwanele ukuze abe yingxenye ephelele yezinkambiso ezilungileyo okuzosuselwa kuzona amathiyori nezinkambiso ezithile; futhi lawo maso asalokhu ethathwa njengenkambiso elungileyo kanye nendlela yokucabanga, futhi awumphumela wezinkolelo ezingaphandle kokucabanga okujwayelekile (fringe paradigms). (Bheka i-“accountability” ne-“genetically manipulated organism”.)