i-intervening opportunity — isiZulu

Ukuba khona kwendawo, isikhungo esithile noma isimo esinomthelela ekuxhumaneni phakathi kwezindawo ezimbili eziqhelelene. Ibanga phakathi kwezindawo ezimbili lihlala njalo linomthelela ekuxhumaneni kwalezo zindawo futhi into ejwayelekile wukuthi ukuxhumana phakathi kwalezo zindawo kunciphe noma kuphuke ngokusondela noma ngokuqhela kwebanga elisuka endaweni ethile liya kwenye (inversely proportional). Uma lilide ibanga phakathi kwezindawo ezimbili lokho kukhuphula amathuba okuncipha kokuxhumana (distance decay) ngenxa yokuqhelelana kwezindawo, futhi ngenxa yalokho kugcina sekunciphile ukuxhumana phakathi kwezindawo ezimbili. Kodwa-ke, ukuncipha kwamathuba okuxhumana phakathi kwezindawo ezimbili kungavimbeleka noma kugwemeke ngokuba khona kwendawo noma isizinda esithandekayo futhi esihehayo esitholakala phakathi kwalezo zindawo ezimbili eziqhelelene. Indawo enjalo ibizwa nge-intervening opportunity, futhi leyo ndawo kungaba yimayini, idolobha, isiqiwu, isizinda sendabuko noma sezenkolo, noma indawo enobuhle bemvelo obumangalisayo, kanye nanoma iyiphi enye indawo abantu abangathanda ukuyivakashela noma ukwenza ibhizinisi kuyona. Lona wumgomo osemqoka kakhulu kwijografi yezomnotho noma kwijografi yezokuvakasha, ngoba isizinda esiheha abavakashi esisendaweni ethile eseduze noma ephakathi kwamadolobha asemqoka amabili noma ngaphezulu, nakanjani sizovakashelwa ngabantu abaningi kunesikhungo esikude kakhulu nezizinda ezigcwele izinto zokuthutha nemigwaqo emikhulu. Empeleni isizinda esiphakathi kwezinye (intervening site) sithathwa njengesinye nje isizinda sokwenza ibhizinisi esiseduze kwezizinda zebhizinisi ezikhona ezinkulu noma izizinda zabavakashi. Kodwa-ke, osomabhizinisi abafisa ukusungula izizinda zabavakashi kungaba wumqondo omuhle ukuthi bazisungule endaweni lapho bezokwazi khona ukuhlomula ngokuba seduze kwezinye izikhungo ezinkulu eziheha abavakashi. I-Cradle of Humankind World Heritage Site yona inenhlanhla ngoba itholakala e-Gauteng phakathi kwawo womabili amadolobha amakhulu iPitoli neGoli, futhi kusenjalo izindawo eziheha abavakashi ezinjenge-Dullstroom, Sabie kanye ne-Graskop zingathathwa njengezindawo ezingama-intervening opportunities eziphakathi kwe-Goli (noma iPitoli) ne-Kruger National Park.