i-interpolation — isiZulu

Ku-Jografi loku kusho inqubo yokufaka inani elithile elifakazelekayo phakathi kwamanani aziwayo noma akalwe ngendlela enembayo aboniswe ebalazweni. Lena yinqubo yokuqagela ngobuhlakani. Izazi zejografi kumele ziwabhekisise futhi ziwacubungule wonke amanani asekaliwe, nezilinganiso ezihlonzwe ngamehlo emva kokwenza ucwaningo olunohlonze kanye nalo lonke olunye ulwazi oluphathelene nendawo eboniswe ebalazweni futhi emva kwalokho zenze izilinganiso (estimations) ezingafakazeleka ngokwesayensi, ukuveza lawo manani angakalwanga. I-interpolation kanye nokwenziwa kwezilinganiso kuwumongo nomgogodla wocwaningo lwendawo. Nakuba i-interpolation ibangakanya ukucabangela nokuqagela okuthile, lokho akusho neze ukuthi imiphumela yocwaningo lwejografi ayishayi emhlolweni. Ngeke neze kube yisitatimende esiyihaba uma kuthiwa “lokhu yiyonanto eyenziwa yizazi zejografi”. Kepha-ke, azigcini lapho izinto ezenziwa yijografi. Ngokususela kwimiphumela yocwaningo olube yimpumelelo emkhakheni owodwa noma ngaphezulu, kungenziwa izibikezelo noma izilinganiso mayelana nezinye izindawo. Nakuba i-interpolation ibandakanya ukucabangela mayelana nomkhakha owodwa othile, imiphumela yalokho ingadluliswa ukuze isetshenziswe (extrapolated) nakweminye imikhakha efanayo (bheka i-“extrapolation”.)