uzokuvakasha ezihlukile kulezo ezijwayelekile — isiZulu

Ukuvakashela indawo ethile, kepha ungayicekeli phansi ngokusebenzisa nokuqeda zonke izinsizakalo ezitholakala kuyona futhi ngaphandle kokugcwalisa leyo ndawo ngabavakashi abaningi ngokweqile. Ngenhloso yokufezekisa imigomo emibili equkethwe kule ncazelo, kule minyaka engama-30 edlule sekuthuthukiswe uhlobo oluhlukile lwezokuvakasha, olubizwa ngezokuvakasha ezihlukile kulezo ezijwayelekile. Ukufezekisa umgomo wokuqala, kumele kuthathwe izinyathelo zokuphatha ezithile ngenhloso yokuvimbela ukucekeleka phansi kwezizinda zokuvakasha ezibucayi, okubangelwa yisiminyamninya sabavakashi abaningi ngokweqile abavakashela indawo eyodwa ngesikhathi esisodwa (bheka i-“carrying capacity”). Uma zingathathwa lezi zinyathelo, leyo ndawo okuvakashelwa kuyona ingagcina isicekeleke phansi kangangokuthi impumelelo ebangelwa wukuvakashelwa kwaleyo ndawo ingagcina isinomthelela ongemuhle obungalindelekile wokucekelela phansi kwesimo sokwakheka kwaleyo ndawo kanye nemvelo, okuyiyona eheha labo bavakashi abaningi. Umgomo wesibili ufezekiswa ngokuthuthukiswa kwezinye izindawo zokuvakasha ezihlukile. Nakuba abantu abaningi bekuthokozela ukuvakashela izindawo eziheha abavakashi abaningi, njenge-Disneyland, futhi kungabakhathazi nakancane ukugcwala ngokweqile kwabavakashi kuleyo ndawo kanye nemigqa emide, kunabanye abantu abaningana impela abangakuthandisisi lokhu ngoba bazizwa bempitshekile futhi “bengakwazi nokuzinwaya” ngenxa yokugcwala kakhulu kwabantu abasha abathokozile, abehla benyuka belandela noma besukela u-Mickey Mouse. Osomabhizinisi babona ukuthi kunamathuba amaningi futhi kunendima enkulu abangayidlala emakethe yezokuvakasha futhi ngalokho-ke baqala ukuthuthukisa izinhlobo ezihlukahlukene zezindawo zokuvakasha ezihlukile ngenhloso yokubhekelela labo bantu abanesifiso sokuzibandakanya kwezokuvakasha, kodwa abangathandi ukuvakashela lezo zindawo ezivakashelwa ngabantu abaningi kakhulu. Ngenxa yalokho-ke, kule minyaka engama-30 edlule sekuthuthukiswe izindawo zokuvakasha eziningi ezihlukile kulezo ezijwayelekile, futhi ezingagcwali kakhulu. Uma kubhekwa isimo esiqhubekayo sokugcwala nokuminyana kwabavakashi, umkhakha wezokuvakasha ohlukile unomehluko omkhulu uma uqhathaniswa nokuvakasha okubandakanya izindawo zokuvakasha eziheha abavakashi abaningi, kepha-ke izindawo zokuvakasha ezihlukile kwezijwayelekile nazo zakha esazo isimo esiqhubekayo esisukela kulezo zindawo zokuvakasha ezingagcwali kakhulu kuya kulezo zindawo ezenzelwe abantu abakhethekile abayingcosana kakhulu, lapho bezothokozela ngokuphelele ubumnandi nokunethezeka okuhlinzekwa yimvelo. Ezokuvakasha ezihlukile kwezijwayelekile ngeke neze zithathe indawo yezindawo zokuvakasha ezivakashelwa ngabantu abaningi, kodwa-ke ukuba khona kwazo sekuyikhulise kakhulu imakethe yezokuvakasha.