ingqalasizinda — isiZulu

Isitokwe sempahlangcebo empilonde kanye nempahla yokusebenza, kubandakanya amafemu, imigwaqo, izikole, ujantshi, amanethiwekhi okuthunyelwa kwamanzi, imizila yokuhlalisa amabhanoyi, amanethiwekhi ezokuxhumana, izintambo zikagesi, zonke izinhlobo zezakhiwo kanye nayo yonke impahla eyakhiwe ngabantu edolobheni noma endaweni ethile. Ingqalasizinda ithathwa njengento eyisisekelo sokukhula komnotho. Ukukhula komnotho kunokuhambelana okuhle nempahla eyakhiwe ngabantu – uma kukhona impahla (ingqalasizinda) eningi endaweni ethile, leyo ndawo iba nentuthuko ephakeme. Ingqalasizinda iyimfuneko edingeka kuqala iphinde futhi ibe ngumphumela wentuthuko yezimboni kanye nomnotho.