umkhawulomthamo wokumunceka kwamanzi — isiZulu

Umkhawulosigcino wezinga okumunceka ngalo amanzi ngenkathi engena emhlabathini ehle aze ayofinyelela emadwaleni emajukujukwini omhlaba. Izinga lokumunceka kwamanzi lincike kwisimo sokwakheka kwezinhlayiya zomhlabathi kanye nezinto eziyingxenye yomhlabathi (substrate). Izinhlayiya eziyimbulunga – njengezinhlayiya zesihlabathi ebhishi – zinomkhawulomthamo wokumunceka kwamanzi ophakeme ngoba zinezikhala ezinkulu phakathi kwazo. Uma izinhlayiya zitshekile (angular), sincane isikhala esikhona phakathi kwazo futhi uma izinhlayiya ziyisicaba, njengezinhlayiya zobumba noma zodaka, sincane kakhulu isikhala esikhona phakathi kwazo futhi umkhawulomathamo wokumunceka kwamanzi walezi zinhlayiya uphansi. Leli temu lisetshenziselwa futhi nokubonisa izinga lokumunceka kwezinto ezingcolisa imithombo yamanzi ngaphansi komhlaba, nokuthi lezi zinto ziwangcolisa kangakanani amanzi.