HDI, Inkomba Yentuthuko Yabantu — isiZulu

Ithuluzi lokubala elisetshenziswa yiNhlangano Yezizwe (UN) ukukala izinga lenhlalakahle yabantu bomphakathi othile noma izinga lenhlalakahle yeqembu elithile elihlala endaweni ethile ehlukanisiwe noma echaziwe, enjengedolobha, isifunda, noma izwe (kodwa-ke akuvamile ukuthi lokhu kube yizwekazi eliphelele ngaphandle kwe-Australia ngoba phela yona iyizwe iphinde futhi ibe yizwekazi). Le nkomba iyasilekelela ukuthi sikwazi ukubala ngendlela ezokhipha umphumela onedijithi eyodwa (single figure) (phakathi kuka-0 no-1) ukubonisa ikhwalithi yempilo yomphakathi othile noma iqembu labantu (esikhundleni sokubonisa izinga lempilo abayiphilayo [standard of living]). Izici zabantu noma zemiphakathi ehlukahlukene, noma izinto ezibachazayo ezikalekayo zingasetshenziswa ukuchaza izinga lenhlalakahle emphakathini. Inkomba ye-UN isebenzisa izikali ezihlukahlukene ukuchaza inhlalakahle yabantu, kubandakanya nentuthuko yezamasiko, inhlalakahle yomphakathi kanye nezinto eziphathelene nezomnotho. Izici zomphakathi ezinjengobude besikhathi esiphilwa ngabantu emhlabeni, izinga labantu abakwaziyo ukubhala nokufunda, izinga lokushona kwezinsana, imali engenayo kumuntu ngamunye, isamba somkhiqizo wasekhaya (GDP), amalungelo ezepolitiki, ukumeleka kwabantu ekuthathweni kwezinqumo kanye nakwezokuphatha, ukukhuluma kwabantu ngokukhululeka, kanye nokunye okuningi, kungasetshenziswa ukubala idijithi eyodwa ebizwa ngenkomba yentuthuko yomphakathi (HDI). Kodwa-ke i-UN seyibeke izici zomphakathi ezintathu okumele zisetshenziswe ukubala i-HDI yezwe ngalinye. Izici zomphakathi ezibekiwe yilezi: isilinganiso sobude besikhathi esiphilwa ngabantu emhlabeni, izinga lokukwazi kwabantu abadala ukubhala nokufunda (elikalwa ngokubheka isilinganiso senani leminyaka echithwe ngumuntu ngamunye esikoleni), kanye nesamba somkhiqizo wasekhaya (ngokomuntu ngamunye) esiguquliwe saba ngamandla okuthenga impahla abalwe ngokwamadola (purchasing power parity dollars) (PPP). Njalo ngonyaka, i-UN Development Programme ihlinzeka ngama-HDIs akamuva awo wonke amazwe. Ama-HDIs e-UN njengoba eshicilelwa njalo ngonyaka, awabandakanyi nanomi yiziphi izici zamazwe eziphathelene nezepolitiki, ezinjengenkululeko kanye namalungelo esintu.