ukusabalala kwento ethile ngokwendawo, okuphathelene nokuhleleka ngokulandelana — isiZulu

Inqubo lapho izinto eziphathekayo noma ezibambekayo (izinto ezithintekayo) noma izinto ezingathinteki zisabalala ngokwendawo ezitholakala kuyona, zisuka endaweni enkulu esemqoka ziye ezindaweni ezincane ezingabalulekile kakhulu futhi emva kwalokho zifinyelele nakuzo zonke ezinye izindawo ezincane ezikhona. Ukuhleleka ngokulandelana (hierarchy) wukukleliswa kwezinto noma izindawo ngokobukhulu bazo, umthelela wazo kanye nodumo lwazo noma izinga lokwenzeka nokuphindaphindeka kwemikhuba emibi noma izigameko ezimbi imbala, njengenani labantu abayizigqila zezidakamizwa noma inani lezigameko zokubulawa kwabantu. Izinto ezintsha zivamise ukusabalala zisuka ezindaweni ezinkulu ezibalulekile ziye ezindaweni ezincane ezikude kakhulu. Lokhu kusho ukuthi ukusabalala kwalezo zinto zisuka phezulu ku-hierarchy ziye phansi. Isitayela esisha (njengokugcobisa upende wezinzipho omnyama) noma uhlobo lomculo othile, okungenzeka kuqale e-New York City, kodwa ngokushesha kusabalale kudlulele kwamanye amadolobha amakhulu ase-USA kanye nase-London bese emva kwalokho kudlulela kuwo wonke amadolobha namadolobhana, kugcine sekufinyelele nasezigodini ezincane emhlabeni wonke jikelele. Ukusetshenziswa kwezingcingo ezingomakhalekhukhwini eNingizimu Afrika ngesinye isibonelo esimangalisayo sokusabalala kwento ethile ngokwendawo, njengoba kwaphoqeleleka izinkampani zokuxhumana ezinkulu ukuthi zidlulisele amanethiwekhi azo nasezindaweni ezingaphandle kwamadolobha ukuze abantu bangagcini nje kuphela ngokusebenzisa omakhalekhukhwini kuphela uma besemadolobheni, kodwa babasebenzise nasezindaweni ezisemakhaya kanye nasezindaweni ezithile ezisehlane, ezikude kakhulu kwezizinda ezinkulu ezijwayelekile. Ukusabalala kodumo lwezinkundla zokuxhumana nge-inthanethi ezinjenge-Facebook ne-Twitter akwenzekanga ngokohlelo lokulandelana okuthile, kodwa-ke ukusabalala kobuxhakaxhaka bamasathelayithi okuthola nokuthumela idatha kona kwalandela inqubo yokuhleleka ngokulandelana okuthile.