ipolitiki egxile kwezemvelo, I-Greening mainstream politics — isiZulu

Ukukhathazeka ngokwempela noma kokuzenzisa kosopolitiki kanye namaqembu ezepolitiki mayelana nemvelo kanye nezindaba zemvelo. Kusukela ekusungulweni koMbutho Wokuvikelwa Nokulondolozwa Kwemvelo emhlabeni jikelele ngeminyaka yawo-1960, ubushoshovu bezemvelo noma injulalwazi yokuvikela imvelo (environmentalism) (bheka i-“ecocentrism”, “ecological citizenship” kanye nama-“environmental movements”) sekudonse amehlo abantu abajwayelekile, ososayensi bemikhakha ehlukahlukene, kanye namaqembu amaningi abantu abanentshisekelo kanye nezishoshovu. Ngokukhula nokudlondlobala kokukhathazeka ngemvelo, osopolitiki nabo kwabacacela ukuthi bangazizuzela amavoti uma besekela izindaba eziphathelene nemvelo. Abanye osopolitiki, njengo-Al Gore, ongomunye wababegaqele isikhundla sikaMongameli wase-USA phambilini, kanye noMongameli bangaphambilini base-USA u-Jimmy Carter kanye no-Bill Clinton, sebengoshampeni bangempela bemvelo. Kuwo wonke amazwe asethuthukile, abuswa ngokwentando yabantu, kunamaqembu anamandla impela ezishoshovu zemvelo. Labo abafuna ukuphatha kwezepolitiki akulula neze ukuthi baphumelele kahle uma belushaya indiva udaba lwemvelo. Namuhla, ukukhathazeka ngemvelo sekungumgogodla wezinqubomgomo zamaqembu ezepolitiki amaningi emazweni asethuthukile abuswa ngokwentando yabantu. Emazweni athile (ikakhulukazi e-Western Europe) kunamaqembu ezepolitiki asebenzisa ezemvelo njengomgomo ongumongo wazo zonke izinqubomgomo zawo. Lawa ngamaqembu ezepolitiki abizwa ngokuthi ngama-“green parties”, futhi kulezi zinsuku amaningi awo asenamalungu amaningi impela awamele emaphalamende noma ezinhlakeni zohulumeni basekhaya, emazweni awo. Ngakho-ke, izindaba zemvelo (“green” issues) seziyingxenye enkulu yezepolitiki emazweni ahlukahlukene, futhi lokhu akuseyona nje kuphela into ebonakala njengento ebhekene nezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni noma izinhlangano zezishoshovu zokuvikelwa nokulondolozwa kwemvelo, ezinjenge-Greenpeace kanye ne-Earth Life Africa. Elinye itemu elisondelene kakhulu nepolitiki yezemvelo yi-“greenwashing” (okuyitemu elilulazayo) eliphathelene nenkohliso yokufakwa kwezenzo nemisebenzi ephathelene nokunakekelwa nokulondolozwa kwemvelo ezinkulumeni nasemikhankasweni yeqembu elithile lezepolitiki, noma imboni noma inkampani ezingenabo ubumnene neqiniso, futhi okuyizinkulumo ezingenakho ukuzibophezela ngokuphelele ekuvikelweni kwemvelo. Amanye alawa maqembu ezepolitiki, noma izinkampani, bakhuluma amagama amnandi mayelana nokuvikelwa kwemvelo, kodwa bangathathi izinyathelo ezibonakalayo futhi ezinohlonze zokunciphisa umthelela kwimvelo. (bheka i-“ecological footprint”). Ziningi izinkampani zaseNingizimu Afrika eziyizikhondlakhondla esingazibala lapha njengesibonelo, kodwa ngokusabela imiphumela emibi engabangelwa yilokho, sizowushiyela wena umsebenzi wokuhlonza lezo zinkampani ezingama-“greenwashers”, njengoba sesikuhlomisile ngolwazi olufanele.